Angabushiya ubuntofontofo boSuthu ayozixaka ngeBafana?

UBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu FC

SIHLE NDLOVU

Ngemuva kokwenza kahle kwiCape Town City njengomqeqeshi, uBenni McCarthy ube eselishiya iqembu izinto zingasahambi ngendlela ayeqale ngayo.

Ngesikhathi iCity noBenni bethatha isinqumo sokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti, kufanele ukuthi kwabanye kwabuya amazwi kaGavin Hunt lapho acashunwa ethi: “UBenni usenenhlanhla ngoba usemncane. Ngelinye ilanga iyophela inhlanhla yakhe.”

UHunt, owayecija iBidvest Wits ngaleso sokhathi, wayengakusho lokhu ngoba enomona kodwa wayekhuluma ngonobhutshuzwayo okuyinto ayazi kahle.

Empeleni nje uHunt noBenni abakaze babe yinkukhu nempaka, kunalokho bayezwana.
Esuka kwiCity uBenni ubesengahlali eNingizimu Afrika isikhathi esiningi, futhi abaningi bathe ukukhohlwa kancane uyena yize bebazi ukuthi usadla anhlavana.

Kuthe uma kuvela ukuthi uSandile Zungu, ongusihlalo waMaZulu FC, ufuna uBenni azoqeqesha Usuthu, abaningi kwayilapho bekhumbula khona ukuthi konje umfo kaMcCarthy uke wafika wenza izimanga kwiCity waze waqukula nendebe.

Ufike kwezwakala uBenni kuMaZulu futhi ubufakazi balokho ukuthi Usuthu luhleli endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership. Empeleni Usuthu akukhona nje ukuthi lubhamuza ibhola bese luqoqe amaphuzu amathathu ngenhlanhla.

Liyanyathelwa ngempela kubafana baMaZulu futhi alikho iqembu elingathi lona ngeke lishaywe Usuthu.

Ngemuva kokuchithwa kukaMolefi Ntseki obecija iBafana Bafana, bakhona abalandeli bebhola abaveze ukuthi uBenni angaba yisisombululo eqenjini lesizwe lakuleli.

Nokho uZungu usheshe wakucacisa ukuthi uBenni akayi ndawo futhi akekho oke wakhuluma naye mayelana naye.

“Akekho oseke wasithinta njengoSuthu mayelana nomqeqeshi wethu uBenni McCarthy ukuthi asondele kwiBafana Bafana. Angilibeke nje ngembaba, ngeke sivume noBenni McCarthy, akayi ndawo,” ucashunwe esho kanje kwiSABC uZungu emasontweni edlule.

UBenni McCarthy

Okubhekiwe njengamanje ukuthi kumenyezelwe umqeqeshi omusha weBafana. Igama likaBenni lilokhu liqhamuka kodwa akhona namagama abanye abaqeqeshi.

Kuyaziwa ukuthi abaqeqeshi bahlale befuna ukuzwa amanzi ngobhoko nalapho kusuke sekuhluleke khona abaningi.

KuMaZulu uBenni kuyavela ukuthi uphethwe kahle. Imiphumela nayo iyazikhulumela njengoba iqembu lihlezi endaweni yesibili kwi-log, kanti seyizosongwa isizini.

Ngabe uBenni angashiya yonke impilo entofontofo anayo kuMaZulu ayozixaka ngokuphathwa yikhanda elingapheli kwiBafana? Isikhathi yisona esizocacisa konke uma sekumenyezelwa umqeqeshi weqembu lesizwe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.