Angase avumbuke kwiPirates noma kwiSuperSport uNcikazi ohlukane ne-Arrows

UMandla Ncikazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Impempe seyithole ukuthi angase ajoyine iqembu laseGauteng uMandla Ncikazi kulandela ukushiya kwakhe isigubhukane kwiGolden Arrows. Okunye esikutholile wukuthi uNcikazi akaxoshwanga kuleli qembu, kodwa kuvunyelwene ukuthi ahambe njengoba ethole ithuba elingcono.

Imizamo yokuxhmana naye uNcikazi ukuze siqinisekise esikuzwe ngabasondelene naye ibingakapgumeleli njengoba engalubambi ucingo.

Omunye wabasondelene nalo mqeqeshi uthe sekunesikhathi vele efisa ukuxoxa nosihlalo weqembu, uMato Madlala ngoba kunethuba elingcono alitholile.

Nokho kuthiwa ubenqena ukuphoxa uMato kwazise banobudlelwano obuhle futhi baneminyaka engaphezu kuka-15 besebenzisana.

“Cishe bagcine bexoxile futhi uMato wamkhulula ukuba ayozama. Engikwaziyo ukuthi iSuperSport United sekunesikhathi imcathamela, imshela kodwa enqabe.

“Kungenzeka ukuthi usegcine evumile ke waqoma. Kodwa okunye ebengisanda kukuzwa wukuthi iPirates ifuna ukubahlanganisa noSteve Komphela baqeqeshe yona.

“Njengamanje nami angakwazi okuyikhona okuzokwenzeka kodwa ngeke ngithuka uma evumbuka kwelinye lalamaqembu,” kusho lona ocele singamvezi igama lakhe.

Esitatimendeni esifishane ebimemezela ngaso lezi zindaba, i-Arrows ithe akuxatshenwe futhi indlela ebuyayo uyayazi uma edinga ukubuya.

“Siyambonga ngemsebenzi omuhle awenzile, ngezikhathi ezehlukene kule minyaka engaphezu kuka-15 elapha. Ubengasebenzi nje eqenjini elikhulu kuphela kodwa ubesebenza nasezinkulisa zeqembu.

“Uhamba nje ngesihle futhi njengoba eyilungu lomndeni wethu nje, wamukelekile ukubuya noma nini. Simfisela okuhle kazokwenza,” kusho i-Arrows.

Kungenzeka futhi aye kwiPirates ayophatha inkulisa yakhona njengoba u-Augusto “Njenje” Palacios ezothatha umhlalaphansi. Omunye umkhombe kwiSAFA, wathi imfunela ukuvala isikhala sikaHelman Mkhalele eqenjini labafana abaneminyaka engu-20, Amajimbos.

UNcikazi uvele uke wasebenza kuleli qembu elekelela uThabo Senong eNdebeni yoMhlaba yabafana abaneminyaka engaphansi kuka-20. Sizolulandela lolu daba futhi sizokubikela konke esikutholayo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.