Angase avumbuke kwiRoyal AM uJele odedelwe yi-Orlando Pirates

IPirates seyidedele uJele ongase avumbuke kwiRoyal AM
UHappy Jele osekhululiwe yi-Orlando Pirates ukuthi aye lapho efisa khona
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyikuqinisekisile ukuthi iyamdedela uHappy Jele obengukaputeni nobesehlale kuleli qembu iminyaka engu-16 yonke.

Ngokusho kwesitatimende sePirates, lo mdlali ubezonikwa omunye umsebenzi eqenjini njengoba belingafuni ukumdedela kodwa yena wenqaba ngoba ethi usafuna ukudlala.

UJele, oneminyaka engu-35, Impempe seyingakuqinisekisa ukuthi uzobe egijima kwiRoyal AM ngesizini ezayo njengoba esehlukene neZimnyama.

“Ngemuva kweminyaka engu-16 egcwele izimanga enathi, siyavalelisa kumdlali oyogcina ehlonishwa kakhulu ngokuzayo,” kusho lesi sitatimende esikhishwe ngoMsombuluko ekuseni.

“Umdlai wethu wasemuva nobengukaputeni weqembu, osephelelwe yinkontileka uzoshiya eqenjini. Lokhu kuchaza ukuthi siyaphela isikhathi sikaHappy Jele kuleli qembu.

“I-Orlando Pirates iyakuqinisekisa ukuthi uJele uhlangane nosihlalo weqembu ekupheleni kwesizini edlule ukuze badingide ngekusasa lakhe.

“Kulezi zingxoxo ezithathe amaviki amathathu, iqembu limgabisele ngemisebenzi ehlukene angayenza lo mdlali obese enesikhathi eside edlala lapha.

“Ngemuva kwalokho lo mdlali oneminyaka engu-35 wabe esenikwa isikhathi sokuba aye ekhaya ayocabangisisa kahle ngalokhu.

FUNDA NALA: Ukumiswa kukaMnisi kwiRoyal AM kufaka umsebenzi kaZondo engcupheni

“Ngokujwayelekile umdlali uyadedelwa uma sekuphele inkontileka yakhe eqenjini. Kodwa ngenxa yokuzimisela kwakhe kule minyaka engu-16 eseqenjini, usihlalo ubefuna ukumgcina kwesinye isikhundla.

“Emhlanganweni olandelayo, obanjwe ngemuva kwamaviki amabili, uJele ube eseveza ukuthi usenesifiso sokuqhubeka nokudlala.

“Ngeshwa ke indawo yokuthi aqhubeke nokudlala ayikho. Sonke kwi-Orlando Pirates simfisela okuhle uJele ngekusasa lakhe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.