Angase axoshwe aweSuper League kwiChampions League

UJames Milner weLiverpool

SIHLE NDLOVU

Amaqembu azodlala kwiSuper League iChelsea FC, Real Madrid neManchester City kumele akhishwe kwi-Uefa Champions League yakule sizini, ngokusho kwelungu lekomiti le-Uefa nenhloko yeDanish Football Association, uJesper Moller kwiDR ngoMsombuluko.

UMoller uthe isinqumo sizothathwa emhlanganweni wekomiti eliphezulu le-Uefa ngoLwesihlanu.

“La maqembu sizowakhipha futhi lokho ngilindele ukuthi kwenzeke ngoLwesihlanu. Sizobe sesibona ukuthi siyiqedela kanjani iChampions League,” kusho uMoller.

Amaqembu angu-12 athathwa njengamakhulu e-Europe amemezele ukusungulwa kwe-European Super League ngoMsombuluko. Lapha kubalwa ayisithupha ePremier League, iLivepool, Manchester United, Arsenal, Chelsea, Manchester City neTottenham Hotspur. Kukhona neReal Madrid, Barcelona, Atletico Madrid, Juventus, Inter Milan ne-AC Milan.

UMoller uthe ulindele ukuthi la maqembu angu-12 angasafakwa emiqhudelwaneni ye-Uefa esikhathini esizayo. Uthe iSuper League entsha ihambisana nokuthanda imali nokuzocabangela kwamaqembu azodlala lo mqhudelwano.

“Angicabangi ukuthi abalandeli bethu bazoyithanda le nto nalabo abathanda unobhutshuzwayo,” kusho uMoller kwiDR.

I-Uefa isiphinde yasabisa ngokuthi abadlali bamaqembu azodlala kwiSuper League “bangase bangavunyelwa ukuthi badlalele amaqembu abo esizwe”.

Abalandeli abaningi bavele bashaya amakhala ngokusungulwa kweSuper League. Babona singekho isidingo sayo ngoba ikhona iChampions League okungumqhudelwano onedumela kakhulu e-Europe.

Ukaputeni weLiverpool uJames Milner usephumele obala wathi akahambisani nokusungulwa kweSuper League yize iqembu lakhe liyingxenye yayo.

“Miningi imibuzo ekhona. Ngingasho umbono wami kuphela, angiyithandi le nto, ngithemba ukuthi ngeke yenzeke,” kusho uMilner obengukaputeni weqembu libhekene neLeeds United njengoba ebengekho uJordan Henderson olimele.

“Abadlali ayikho into abangayenza ngakho indlela esamukelwe ngayo enkundleni namuhla ayinabo ubulungiswa. Silapha ukuzodlala ibhola futhi asikwazi ukulawula isimo.”

Abalandeli beLeeds neLiverpool bebeqhinqe ngaphandle kwe-Elland Road bezwakalisa ukungahambisani nokusungulwa kweSuper League. Bakhala ngokuthi amaqembu asayine ukuthi azodlala kwiSuper League athanda kakhulu imali.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.