Angase axoshwe oweChiefs oboshelwe ukushayela ebuhlabile

Angase axoshwe oweChiefs oboshelwe ukushayela ebuhlabile
UDumisani ZUma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

Uvinjwe amaphoyisa kade eshayela ngesikhathi okungavunyelwe muntu ukuba abe semgwaqeni ngaso umdlali weKaizer Chiefs uDumisani Zuma.

Kuthe uma esefika kuye ezombuza ukuthi unayo yini imvume yokuthi abe semgwaqeni ngalesi sikhathi esiphakathi kuka-12 ebusuku no-4 wasekuseni.

Kuthe uma esexoxa naye athola ukuthi ubeshayela ebuhlabile.

Iqale kanjalo inkathazo kuZuma obe eseboshwa ngemuva kokufuthiswa kwatholakala ukuthi udlulile esikalini esifanele ukuba ushayele.

Ngokokubika kweCity Press lesi sigameko senzeke eSandton eGoli ngoLwesithathu ekuseni.

Kuthiwa lo mdlali uthe uphuma endaweni yokuzijabulisa la abecima khona ukoma nabangani, yingakho ebuhlabile nje.

UZuma akadlali kwiChiefs kulezi zinsuku ngoba usanda kubuya ekulimaleni.

Ubesanda kuqala nje ukujima neqembu ngokugcwele njengoba esetholakala emacaleni amabi kanjena nje.

Kuzokhumbuleka ukuthi Impempe ike yabika ngasekuqaleni konyaka ukuthi lo kaMsholozi noSiphelele Ntshangase bebeshomene ngakho ukubuhlaba kwiChiefs.

Kuthiwa yikho lokhu okwadala ukuthi agcine ededeliwe ngoba kubonakala sengathi nguye ofaka umoya omubi.

NoZuma kuvela ukuthi sengathi wayedonswe ngendlebe ukuthi uma eqhubeka nokungaziphathi kahle uzozithola esexoshiwe.

Kungenzeka ke lesi sigameko kube sesimdonsele amanzi ngomsele kodwa iChiefs beyingakasho lutho ngaso.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.