‘Angikaze ngihlazeke kanje selokhu ngaqala ukuqeqesha,’ kubalisa uHunt weChiefs

USiphelele "Stash" Ntshangase oshaye udaka enikwe ithuba kwiKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Kubi! Kubi! Kubi! Mhlawumbe lena yindlela elula yokuchaza isimo seKaizer Chiefs kulandela ukuchayiswa kwayo yiRichards Bay FC kwiNedbank Cup ngeSonto.

Leli qembu leGladAfrica Championship lifake Amakhosi kwelikhulu ihlazo liwashaya ngo 2-1, liqeda namaphupho endebe kule sizini eNaturena.

Lokhu kushiye umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt ebubula kuhle kwensizwa beqeda kuyigqema engeqiwa ntwala emngangeleni, ethi yena uyaqala ngqa ukubukiswa nezwe kanje.

“Kuyihlazo. Kule minyaka engu-26 noma 27 ngiqeqesha, mina bengingakaze ngihlulwe yiqembu lesigaba esingaphansi kunami,” kubabaza uHunt ngemuva komdlalo.

UHunt ube esekhala ngamathuba abawayekile, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala abengabenza bayifake ingcindezi iBay ukube bawavalele enethini.

“Sibe namathuba amaningi kodwa kumele uwasebenzise, ngale kwalokho awasho lutho. Uma udlala neqembu elifana neRichards Bay kumele ukore kuqala ukuze ulicindezele.

“Senze amaphutha amabili amabi emuva, kodwa uma ngiveza lokho kumele ngisole abadlali bami. Akumele uzithathe kabi izinto ezinjena. Angifuni ukukhuluma kakhulu,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.

UHunt uthe kumele banyuse amasokisi ngoba ngale kwalokho lukhulu olusina lubajeqeza.

“Kumele sizikhandle kakhudlwana. Kumele silungise lesi simo. Kumele sijike izinto… Siyakwazi okumele sikwenze. Ngiyakwazi okumele ngikwenze, kumele sibe ngcono kunalokhu.

“Bekuvele kunje kusuka ekuqaleni. Kumele sibe nabadlali abaningi abazimisele. Abasheshayo. Kodwa kumele sidlule kulokhu, siqhubeke sizikhandle ukuze sijike izinto,” kuchaza uHunt.

UHunt ubenze izinguquko eziyisithupha eqenjini elaqala umdlalo bedliwa yi-Orlando Pirates koweligi, wanika abadlali abafana noSiphelele “Stash” Ntshangase noSiphosakhe Ntiya-Ntiya ithuba kwazise kade baligcina ijezi.

Kodwa abazange bakhombise ukuthi bayalijabulela ithuba futhi uNtshangase uze wakhishwa ngekhefu. UNtiya-Ntiya yena uvele wenza isimanga ekhahlela ngemuva umdlali weNatal Rich Boys obengekho endaweni eyingozi, wazitholela ikhadi lesibili eliphuzi liphelezelwa ngelibomvu.

IBay ibe seyicindezela kakhulu ngakwesokunxele la ebedlala ngakhona uNtiya-Ntiya, futhi igoli lesibili liqhamuke ngakhona.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.