Angiyizwa qobo le yokuyeka ijezi elithile ngoba kuhlonishwa insephe

Angiyizwa qobo le yokuyeka ijezi elithile ngoba kuhlonishwa insephe
UVincent Pule
UMBONO
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Lo owaqhamuka nombhedo wokuthi ijezi elaligqokwa yinsephe ethile ebholeni laseNingizimu Afrika kumele ligcine lingasagqokwa, wahluleka kakhulu ukucabanga.

Ngiyahluleka ukuqonda ukuthi kumayelana nani ukuthi angagqokwa unombolo 10 kwi-Orlando Pirates, nokuthi kwenziwe okufanayo ngonombolo 15 kwiKaizer Chiefs.

Ngiyabahlonipha impela oJomo Sono noDoctor Khumalo kodwa ngibona kuwubuwula nje ukuthi angathintwa amajezi ayegqokwa yibona besayithinta kamnandi emaqenjini abo.

Angazi noma yimina yini ongenalo ulwazi oluphelele kodwa angikaze ngibone amaqembu amakhulu aphesheya enza lo mkhuba engingazi ukuthi usiza ngani.

Ngiyaye ngimbone nje uLionel Messi egqoke unombolo 10 owawugqokwa uDiego Maradona kwi-Argentina. Noma kuzothiwa umfo kaGatsheni ufanisa into engafani ngoba yiqembu lesizwe leli?

Angikaze ngizwe kuthiwa kwiManchester United unombolo 7 awusasetshenziswa ngoba nakhu wake wagqokwa yinkunzi u-Eric Cantona.

Kunalokho kwalandela ukuthi leli jezi ligqokwe enye inkunzi uDavid Beckham, kwalandela enye inkunzi esadlala
namanje uCristiano Ronaldo.

Angingene njalo kule nkulumo mpikiswano yokuthi ubani inkalakatha phakathi kukaRonaldo noMessi. Mina ngibahlonipha bobabili.

Uma kungaya ngokuthi akuhlonishwe abadlali ngokugcina amajezi abo engathintwa, kusho ukuthi ngabe kade alala uthuli amajezi kwiPirates neChiefs, kusukela kunombolo 1 kuya ku-15.

Ziningi izinkakha engingazibala ezazigqoka izinombolo eziphakathi kuka 1 no-15 kula maqembu. Yebo uJomo noDoctor bazakhela igama elihle kula maqembu aseSoweto kodwa akubona bodwa abashiya umsizilo oyohlale ukhumbuleka.

Nakhu nje kukhona abadlali abafana noJerry Sikhosana, Bazooka Seshweni, Bashin Mahlangu, Dennis Lota, Edward Motale, John Moeti ukuba abambalwa nje kwiBucs.

NakwiChiefs kukhona izinkunzi ezifana noPatrick “Ace” Ntsoelengoe, Howard Freeze, Teenage Dladla, Neil Tovey, Thabo Mooki, Arthur Zwane, Brian Baloyi nabanye abaningi.

Ngabe kumele kuthiwe amajezi ayegqokwa yilaba awangathintwa? Cha angiboni kanjalo. Engikubonayo mina ukuthi ukunika umdlali ofana noSiphesihle Ndlovu unombolo 10 kwiBucs kungamenza asebenze kanzima kakhulu, azibone engenza izimanga njengoJomo.

Nomake uma uthanda ulinike uMakaringe. Ngiyazi ukuthi uVincent Pule uke wawugqoka unombolo 10 kodwa nakhona kwiCAF Cobfederation Cup kuphela.

FUNDA NALA: ICeltic seyidayisiwe, seyizoba yiRoyal AM

Kwiligi yakuleli ugqoka unombolo 45. Cabanga nje ukuthi angazizwa kanjani uNkosingiphile Ngcobo esegqoke ijezi
unombolo 15 kwiChiefs.

Kuhle yena ukuthi unikwe unombolo 12 owawugqokwa uMooki, mhlawumbe lokho kuzomenza akhule.

Izinombolo ezazigqokwa yizinkakha kumele zisetshenziswe ukugqugquzela abadlali abasakhula, hhayi ukuthi zigodlwe ngoba kuthiwa ziyahlonishwa lezi zinkunzi.

Amaqembu amakhulu kumele aqhamuke nenye indlela yokuhlonipha izinkunzi, hhayi indaba yokugquma izinombolo sengathi lezi zinkunzi zizobuyela enkundleni ngelinye ilanga. Shwiii!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.