Anqabe isicelo seCAF sokuthutha imidlalo awakuleli

IMamelodi Sundowns ejikiswe endleleni isibheke e-Algeria

OKADONGA GUMBI

Sekuvele ukuthi inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (CAF) izame ukuncenga amaqembu amathathu akuleli adlala emincintiswaneni yayo ukuba ayithuthele kwamanye amazwe imidlalo yawo yasekhaya.

ICAF beyonomhlangano okhethekile neMamelodi Sundowns, Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngoLwesihlanu emini ukuzama ukuthola isixazululo ngokunqatshelwa kwalamaqembu ukungena kwamanye wamazwe ase-Africa.

ICAF ithole izincwadi ezivela kumaqembu athile asemazweni asenhla ne-Afrika okukhona kuwo iMorocco ne-Algeria ethi ngeke amaqembu akhona akwazi ukuzodlala eNingizimu Afrika noma avumele amaqembu akuleli azodlala kuwo ngenxa yeCoronavirus edla lubi kuleli.

Impempe isithole ukuthi womathathu amaqembu akuleli ashaye phansi ngonyawo athi ngeke akwazi ukusuka ezweni lawo ayodlalela imidlalo yawo yasekhaya kwelinye izwe.

Athe uma amaqembu okumele ezodlala kuleli enqaba ukuza, iCAF kumele ilandele imthetho yayo igixabeze elakuleli ngamaphuzu amathathu namagoli amabili.

IKazer Chiefs ngesikhathi iya e-Angola

Ngokunjalo uma iqembu linqabela elakuleli ukuba lizodlala kubo, kumele liphucwe amaphuzu amathathu anikwe iqembu elinqatsheliwe ukuzodlala.

Imithetho yeCAF esetshenziswa kwiChampions League neConfederation Cup ikubeka kucace okumele kwenzeke uma kunesimo esifana nalesi.

“Uma iqembu lingakwazi ukuyodlala umdlalo, umphumela womdlalo uyohlalulwa kanje: a. Uma iqembu lingenabo abadlali abadingekayo ukuze umdlalo uqhubeke (abangu-11 abazoqala umdlalo nabane ebhentshini) lelo qembu liyothathwa njengelihlulwe ngo 2-0.

“b. Uma iqembu lingaphumeleli ukuya ezweni okudlalelwa kulo umdlalo ngenxa yemithetho nemibandela ehambisana neCovid-19, lelo qembu liyothathwa njengelihlulwe ngo 2-0.

“c. Uma iqembu elisekhaya lingakwazi ukuhlelela umdlalo noma lingavumelekile ukungenisa elizodlala nalo ezweni lalo, iqembu elisekhaya lizothathwa njengelihlulwe ngo 2-0.

“d. Ezimweni ezikhethekile, ikomidi elihlela imidlalo kumele laziswe ukuze lithathe isinqumo esingujuqu.”

Ifundeka kanje imithetho yeCAF ngale miqhudelwano kanti iWydad Athletic yaseMorocco neCR Belouzidad yase-Algeria sebeyiphulile le mithetho njengoba iChiefs neSundowns benqatshelwe ukungena emazweni awo.

IChiefs yancishwa izincwadi zezimvume zokungena eMorocco ngeviki elidlule (https://bit.ly/3pATSOs) kwathii iSundowns yatshelwa sekusele amahora iphume kuleli ilibangise e-Algeria ukuthi ingabe iseza ngoba ngeke isavunyelwa ukungena (https://bit.ly/3dsSmeU).

Kubukeka lusaya kude lolu daba futhi impempe.com izolokhu ilulandela ikwethulela konke okusha ngalo kusashisa.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *