UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter
Amaqembu aseNingizimu Afrika awaqalanga neze kahle kwiVodacom Rugby Championship ka-2021.
Linye kuphela iqembu laseMzansi elisakwaze ukuwina kulo mqhudelwano.
ILions ishaye iZebre Rugby Club ngo 38-28 emdlalweni wokuqala ngoSepthemba 24.
Nokho nayo iLions ilandelise ngokuthola isibhaxu sika 36-13 kwiScarlets ngoLwesihlanu olwedlule.
KwiBulls kusabukeka kumnyama suce njengoba ihluleka ukuqobela phakathi ama-try.
Iqale yathelwa othuli yiLeinster Rugby ngo 31-3, kwathi okwesibili yabhaxabulwa yiConnacht Rugby ngo 34-7.
KwiSharks awukho umehluko otheni njengoba iqale ngokushaywa yiMunster Rugby ngo 42-17.
Leli qembu laseThekwini libe selilandeliswa ngesibhaxu sika 35-24 yiGlascow Warriors.
FUNDA NALA: Kuthiwa uSirino usanezinselelo ezenza eqiwe yijezi
Siyasho isimbambamba nakwi Stormers evule ngokushaywa yiBenetton Rugby ngo 22-18.
Ithe isanambitha lokho yafika iMunster Rugby yayishaya ngo 34-18.
Akumele alahle ithemba amaqembu akuleli ngoba umqhudelwano usaqala futhi usekude ukuphela.
Nokho kuzomele azame ukukhuphula izinga ngoba sekucacile ukuthi siyakhala isibhaxu laphaya, akuncengwana.