Aphinde akhubeka esikhisini esisodwa amaProteas eshaywa yiSri Lanka

Aphinde akhubeka esikhisini esisodwa amaProteas eshaywa yiSri Lanka
UMBIKO: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Kuzwane izinkinga kumaProteas ehlulwa yiSri Lanka ngama-run angu-78 emdlalweni wokugcina kwemithathu yosuku olulodwa eColombo ngoLwesibili kusihlwa.

Umdlalo wokuqala wathathwa yiSri Lanka kwathi owesibili wavuna amaProteas okwenze umdlalo wokugcina uqale lama qembu elingana ngo 1-1.

Ukaputeni weSri Lanka uDasun Shanaka uwine ithosi wabe eseqoka ukubhetha kuqala njengoba babenzile nasemdlalweni wokuqala abawunqoba.

 Osokhaya babhalise ama-run angu-203 sekuwe amawikhethi ayisishagalolunye ngemuva kwama-over angu-50 kwi-innings yabo.

Ukaputeni obambile kumaProteas uKeshav Maharaj nguye owenze into encomekayo njengoba ekwazile ukuwisa amawikhethi amathathu.

 Ulandelwe uGeorge Linde noTabraiz abathathe amabili ongukulandelana. U-Aiden Markam noWiaan Mulder bona babhalise eyodwa umdlali ngamunye.

EzikaMark Boucher zihlukile ukwenza isibalo sika-204 njengoba ama-batsman amaProteas kuvele kwaba sengathi abanjwe umathithibala.

UDushmantha ubezenzela kulo mdlalo njengoba ethathe amawikhethi amane waphinda waqokwa njengoMdlali oVelele kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu.

UMarkaram nguyena ophume kuqala esenze ama-run amabili maphakathi ne-over yesibili kwalandela uReeza Hendricks yena ophume esenze i-run eyodwa ngemuva kwamabhola ayisikhombisa.

Amanye ama-batsman azamile kodwa into engatheni njengoba uHenrich Klaseen ebhalise ama-run angu-22 emabholeni angu-30.

Ulandelwe uGeorge Linde noJannenman Malan ababhalise ama-run angu-18 emabholeni angu 24 kanye nawu-20 ngokulandelana.

FUNDA NALA: Amawele abegijima engacathulele athathe izinhliziyo kwiPrince Mangosuthu Marathon

Lo mphumela ushiya imibuzo ngomqeqeshi weqembu lesizwe uBoucher njengoba liyoqeda iminyaka emibili leli qembu lingenzi kahle ekuhambeni emidlalweni yosuku olulodwa.

Ekhaya, lo mqeqeshi ushiye izinkinga njengoba ebalwa nabanye kumacala okucwasa ngobuhlanga.

AmaProteas azothola ithuba lokulungisa amabhawodi axegayo njengoba ezobhekana neSri Lanka emidlalweni emithathu yochungechunge lweT20 ezoqala ngoLwesihlanu eColombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.