Aqhubekile nonyawo lwawo oluhle AmaZulu ebhuquzisa iTTM

USiphelele Mthembu waMaZulu FC

OKADONGA GUMBI
Awenze ngendlela okulindeleke ngayo uma esekhaya AmaZulu FC umsebenzi njengoba eyikhombisile iTshakhuma Tsha Madzivhandila ukuthi akekho ozongena eKings Park Stadium azenzele umathanda.
Usuthu luye kulo mdlalo luvele lusegiyeni elihle njengoba beliyiwine yomithathu imidlalo yalo edlule kwiDStv Premiership.
NeTshakhuma iphume kule nkundla inikina ikhanda seyithole induku ka 2-0 emdlalweni obungeSonto ntambama.
Nezinhlanhla zibonakala sezivulekile kuleli qembu likaBennie McCarthy njengoba kuthe kusaphele imizuzu esiyisikhombisa umdlalo uqalile yathola igoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya njengoba libaselwe enethini yisitobha seTTM.
Abe khona namanye amathuba okuthi Usuthu lishaye amanye amagoli kodwa lwahluleka ukuwasebenzisa.
Unozinti woSuthu, uVeli Mothwa uqinisekise ukuthi bayaqhubeka nokuhamba phambili ngomzuzu ka-26 evimba ibhola eliyingozi ebelishaywe nguNdabayithethwa Ndlondlo.
NoThabo Mnyamane uzamile ukubuyisa iVhadau vha Damani kulo mdlalo kodwa wafica uMothwa esemuzweni wokukhombisa ukuthi kungani eqokwe kwiBafana Bafana.
Nasesiwombeni sesibili bekusewuSuthu oluhamba phambili ngomdlalo kodwa lwehluleke ukwakha amathuba acacile.
Njengoba umdlalo bewuqhubeka, iTTM ibilibona ithuba lokuthi ingakwazi ukuntshontsha iphuzu.
Kodwa uSiphesihle Maduna wakuqeda konke lokho kucabanga eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-82 ngesikhathi iTTM isizama ukubuya ngamandla.
Lo mphumela unyusele Usuthu endaweni yesihlanu kanti seyingenile embangweni wesicoco la iMamelodi Sundowns ibonakala izidlela khona amahlanga nje kule sizini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *