Arendse: Baphi onozinti bakuleli kanti?

Arendse: Baphi onozinti bakuleli kanti?
U-Andre Arendse
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

U-Andre Arendse obeyisihlabani sika nozinti osathatha umhlala phansi kuBafana Bafana useveze ukungenami kwakhe ngezikha lonozinti bakuleli muva nje.

U-Arendsecwadlala emaqenjini esingaba kuwo iCape Town Spurs, Santos, Bidvest Wits, SuperSport United neFullham yase-England.

Uthi onozinti bakuleli abanawo umgogodla njengoba behluleka wukuthola amaqembu emazweni adume ngokuba makhulu ebholeni afana no-England, Spain, Italy.

“Bahlulwa ngisho nawukujika ke kumaligi lawa amancane phesheya kwezilwandle.

“Mhlawumbe inkinga iqala ekutheni kwiligi yakuleli kugcwele onozinti bangaphandle,” kusho u-Arendse.

Emaqenjini amakhulu kuleli kuchanasa onozinti bangaphandle.

FUNDA NALA: ISwallows ikhalele kuKerr ukuba ayitakule ezembeni

“Buka kwiMamelodi Sundowns, kukhona uKennedy Mweene waseZambia noDennis Onyango wase-Uganda

“Ngokunjalo nakwiKaizer Chiefs kukhonya uDaniel Akpeyi waseNigeria…

“Lokhu kunomthelela omubi emaqenjini esizwe,” kubeka le nkakha enomlando omuhle wokunqoba iligi nokudlala eqenjini lesizwe isikhathi eside.

Ungomunye walabo abanqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.