Asecele ukusheshe ayiqale eyawo iligi awe-ABC Motsepe eKZN

OKADONGA GUMBI

Anqume ukubhalela ekomkhulu leSouth African Football Association (SAFA) acele ukuvunyelwa ukuba aqale ngaphambi kwesikhathi esibekwe yile nhlangano amaqembu adlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

NgokweSAFA, ibhola lakulesi sigaba liyoze liqale ngoMashi 6. Kodwa iSAFA yaseKZN yona ufuna ukuqala ngoFebhuwari 20 ngoba inamaqembu amaningi kunezinye izifundazwe futhi ifuna ukuwahlukanisa izigceme ezimbili ngenxa yeCovid-19.

Lokhu kuvunyelwane ngakho emhlanganweni weSAFA KZN namaqembu adlala kulesi sigaba obungoMgqibelo eThekwini. Ngaphezu kwalokhu, bafuna nokwenza uhlelo lokuthi bakwazi ukukhipha amaqembu amathathu azodliwa yizembe ekupheleni kwesizini ukuze isibalo sibuyele kwesijwayelekile samaqembu angu-16.

Ukwenza lokhu bathi njengoba kuzoba nezigceme ezimbili, amaqembu azoqeda esemsileni esigcemeni ngasinye azodliwa yizembe.

Aqede endaweni yesibili ukusuka emuva wona azobe esedlala womabili umdlalo wokuhlunga ozoba nemilenze emibili, elihlulwayo lidliwe yizembe.

Kuzoba ngesifanayo nakwaqede phezulu esigcemeni ngasinye njengoba nawo ezodlala owokuhlunga ukukhipha umpetha waseKZN ozobe eseya kweyokuhlunga ezingeni likazwelonke.

“Sivumelene ukuthi ngenxa yesimo esingajwayelekile esiphila ngaphansi kwaso, sizohlukazisa amaqembu wethu ngezigceme. Isigceme sokuqala sizoba namaqembu alishumi, esesibili sibe nayisishiyagalolunye,” kufundeka incwadi ekhishwe yisikhulu esibhekelele ukusebenza eKZN, uNomkhosi Zulu ebhekiswe emaqenjini nakwiNational Competitions Department.

Ukuqikelela ukuthi amathuba okuthelelana ngeCoronavirus ayancipha, kuzosetshenziswa ubuchwepheshe bezokuxhumana.

“Kuzohlolwa izinga lokushisa kuwo wonke umdlali futhi uhla lwabadlali luzothunyelwa nge-email esikhulwini seSAFA (uZulu) ngo-10 ekuseni ngosuku lomdlalo ukunqanda ukuthi kube namaphepha athintwa ngabantu abaningi,” kuqhuba le ncwadi.

Lezi kuseyiziphakamiso nje okwamanje ezizothunyelwa ehhovisi elikhulu eGoli nokuyilapho zizovunywa noma ziphikwe khona.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *