Aselele kwiPirates amathemba akuleli ngeyeCaf, nakuyo kuminciwe

Aselele kwiPirates amathemba akuleli ngeyeCaf, nakuyo kuminciwe
OkaDonga Gumbi

Amathemba eNingizimu Afrika okubeka umaka ebholeni lamazwe ngamazwe esigabeni samaqembu aselele kwi-Orlando Pirates.

Amaqembu akuleli aqale emane emiqhudelwaneni yeCaf okuyiChampions League neConfederation Cup.

BekuyiMamelodi Sundowns naMaZulu FC kwiChampions League nePirates neMarumo Gallants kwiConfederation Cup.

Kodwa ukuwashiswa kweSundowns ijezi ngoMgqibelo sekushiye iPirates yodwa kule miqhudelwano kodwa nayo isimo asiyimele kahle.

IGallants yasala kuqala njengoba ingafikanga ngisho esigabeni samaqoqo, kwalandela AmaZulu asale kuso njenfoba sekuhambe neSundowns kwesokuqala somkhumulajezi nje.

Yingakho amathemba esesele kwiPirates yize nayo kuzomele isebenze kanzima ukudlula kwiSimba SC yaseTanzania.

IPirates yabuya nenxeba eTanzania emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sokuqala somkhumulajezi kodwa inethuba lokujika izinto ekhaya ngeSonto kusihlwa.

Lamaqembu azogadulisana e-Orlando Stadium emdlalweni okulindeleke ushube ngemuva kwezinsolo zokungaphathwa kakhe kwePirates ekuhambeni.

UMandla Ncikazi washiya angalazi ngempatho enesihluku abaphathwa ngayo eTanzania la behlulwe khona ngo 1-0.

Nokho uFadlu Davids, oqeqesha ngokubambisana noNcikazi kwiBucs, uthi umsindo bazowuziba, babeke izingqondo kulo msebenzi obahlalele.

FUNDA NALA: UZwane ufuna ukubuyisa ibhola leChiefs hhayi leli lasemoyeni ebilidlala

“Akumele siphazanyiswe umsindo, kumele sigxile kokwenzeka enkundleni nomsebenzi osihlalele khona,” kusho uDavids.

“Sesibahlaziyile ngokwendlela abadlala ngayo emidlalweni yasekuhambeni neyasekhaya. Bayayijikajika indlela abadlala ngayo uma besekuhambeni, kodwa sikulungele lokho.

“Asazi ukuthi bazoza ngayiphi indlela kithi… sebeke badlala ngabahlanu emuva phambilini kanti babuye bakujike lokho.

“Thina okumele sikwenze wukuhlasela futhi icacile indlela okumele sikwenze ngayo lokho uma ubheka indlela esizodlala ngayo.

“Umsebenzi okumele siwenze wukushaya amagoli, okumele sikwenze ukuwina umdlalo futhi yilowo umsebenzi okufanele siwuphothule.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.