Aseqale inhlangano yokusiza ngezinsiza zokugijima amawele akwaPhalula

Aseqale inhlangano yokusiza ngezinsiza zokugijima amawele akwaPhalula
Amawele akwaPhalula oBelo noLebogang
Alfred Ngubane 

Amawele akwaPhalula, oLebo noLebogang, asesungule inkampani eyinhlanganisela yokusiza umphakathi ngenhloso yokusiza emphakathini akhulele kuwo.

Lamawele azakhele igama kwezikusubatha phambilini njengoba easeke anqoba iSpar Ladies amahlandla amaningana.

Ekhuluma neMpempe, uLebo uthe, “Sisungule le nkampani yosizo nodadewethu ngoba sifuna ukusiza abantwana abasafufusa.

“Sifuna ukubalekelele ngezinsiza zokusubatha ezifaka namateku uma begijima, bengafani nathi ebesigijima ngezinyawo.

“Thina besigijima ngezinyawo nalapha eGoli ngisho kuthiwa kusebusika njengoba kubanda kanjena nje.”

Uphinde waveza ukuthi sebeqalile ukuqeqesha abantwana abancane njengoba sebehlome ngezicucu zokuqeqesha ezibizwa nge-D Licence.

Lamawele athi asazimisele ukuqhubeka nokusubatha ngoba imizimba isavuma. ULebo ungene endaweni yesikhombisa kwathi kwabakuleli wangena endaweni yesibili kwi-Absa Run Your City Series Durban 10km.

Ubeyingxenye yabasubathi abekade beyibambe eKapa ngeviki elandulela elidlule. Bazophinde babonakale eMbombela kwiSpar Ladies.

FUNDA NALA: Ihlazo iBafana Bafana ishicilela isithombe sowesifazane onqunu kwiTwitter

IMbombela ingumzila omusha weSpar Ladies njengoba ngaphambilini ubugijinywa emadolobheni amahlanu okuyiCape Town, Durban, Pretoria, East London, neJohannesburg.

Sekukhona umehluko kulo mjaho njengoba sekufakwe nabasubathi bangaphandle ekubeni phambilini bebengavunyelwe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *