‘Asibanga nosuku oluhle,’ kuvuma uBaxter ngemuva kwenduku kwiChiefs

'Asibanga nosuku oluhle,' kuvuma uBaxter ngemuva kwenduku yeChiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uyivumile induku yeStellenbosch umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ethi ezakhe azibanga nosuku oluhle.

Amakhosi alale ebubula ngemuva kokuthi iStellies siwathele othulini ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama.

Kulo mdlalo obuseFNB Stadium, Amakhosi awabanga nosuku oluhle nengoba konke abekwenza bekungalungi nje.

Yingakho egcine eguqile, kuphela ithemba lokuthi asebambe umgqigqo kulandela ukuwina imidlalo emibili kulandelana.

“Bekuwumdlalo obungawinwa noma ubani. Bewubuye uvaleke kodwa ubuye ugeleze kahle,” kusho uBaxter ngemuva komdlalo.

“Ngibone sengathi siqale kahle kakhulu, imizuzu yokuqala engu-15 sidlale ngendlela ebesifuna ngayo.

“Indlela ebesihlanganisa ngayo iminyakazo ngasebhokisini labo beyiyinhle. Besishelela kahle impela.

“Bebesibamba ngokusihlasela ngokusizuma okuyinto abebevele beyihlelile futhi ibasebenzelile.

“Bebehlala emuva bese kuthi uma bethanda bathumele ibhola phambili kubadlali babo abasheshayo.

“Bake basixina impela ngale ndlela futhi imizuzu engu-30 besibalandela ngemuva okubanike ithemba.

“Thina sivele saba sinhlakanhlaka, asangakwazi ukuhlanganisa iminyakazo eya phambili,” kuchaza lo mqeqeshi.

IStellies ilishaye ngomzuzu ka-38 kanti yilo egcine iwine ngalo njengoba iChiefs ihlulekile ukubuya ngemuva kwalo.

“Bebenegunya lokuhlala emuva ngaso sonke isikhathi, bathumele amabhola phambili kubagadli babo uma kubavumela.

“Sibe nawo amathuba ambalwa kodwa asizange sikwazi ukuwasebenzisa ngendlela efanele.

“Sizamile khona futhi sicishe sakuzuza ebesikufuna kodwa ekugcineni kwakho konke asibanga nomdlalo omuhle.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.