‘Asihlulwanga kodwa sithole izifundo,’ kusho uDladla woThongathi ngemuva kokushaywa yiPirates

Umqeqeshi woThongathi FC othi bebeyofunda kwi-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Uthi bathole izifundo ezibalulekile ngebhola yena nabadlali bakhe umqeqeshi woThongathi FC, uPitso Dladla emdlalweni wabo weNedbank Cup labewashiswe khona ijezi yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

Uthongathi lulushaywe ngoswazi oluncane luka 1-0 wegoli likaGabadinho Mhango alishaye ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium.

Yize luzamile Uthongathi ukuziveza njengeqembu ebelingamangaza kulo mqhudelwano, ukushoda kwamava kuhlale obala njengoba iBucs izidlulele ingazange idinge ngisho ukufukuza.

“Sifunde okuningi kulo mdlalo,” kusho uDladla. “Ngethemba ukuthi nabadlali kukhona abakufundile ngoba thina siyithimba eliqeqeshayo lukhulu esilucoshile,” kuqhuba yena.

“Ebesingafuni kwenzeke nengikutshele abadlali wukuthi asifuni umdlalo udlulele esikhathini esengeziwe. Besizitshelile ukuthi uma sihlulwa, asihlulwe esikhathini esijwayelekile, noma siwina ngokunjalo. Sisafunda…

“Abadlali abasebasha laba eqenjini, sidinga isikhathi nabo futhi kancane kancane sizogcina singcono kakhulu,” kusho uDladla.

Ngomdlalo, uDladla uthe inhloso yabo bekuwuzama ukuthi kube wumdlalo omuncu kwiPirates ngokuthi bayivalele izikhala ingakwazi ukudlala ibhola elijwayele.

“Besifuna ukubavala bangakwazi ukwakha amathuba. Besingafuni ukubavumela badlale ngendlela abayijwayele bakhe inqwaba yamathuba. Besifuna kube wumdlalo ongelula.

“Besazi ukuthi uma singaya ekhefini kungekho onegoli sizoba nethuba ngoba bazoqala bathuke bese batatazele bese abadlali bethu banyukelwe ukuzethemba kokuthi bangayenza yenzeka lento.

“Ngicabanga ukuthi sikwenzile lokho, ngiyaziqhenya ngalabafana bami. Kodwa angijabule… yize singawakhanga amathuba amaningi, kodwa akhona avelile kodwa ke angisoli muntu, sisafunda, sizoyilungisa eyokusebenzisa amathuba,” kuphetha uDladla.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.