‘Asikaqedi,’ kusho uLakay weSundowns yize sebesidlile isicoco

Sundowns
ULyle Lakay
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ubungacabanga ukuthi seyizodlalela ubumnandi nje iMamelodi Sundowns kule midlalo emibili esele nayo kwiDStv Premiership kwazise isicoco sekungesayo. Kodwa akuzukuba njalo.

Umdlali waleli qembu, uLyle Lakay uthi basenezinto abafuna ukuzizuza kule sizini futhi abazudembesela uma sebebhekene neBloemfontein Celtic eDr Petrus Molemela Stadium ngoLwesithathu ntambama.

ICeltic iyona ewadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo ngoba uma bengayiwina yomibili imidlalo, bengaba sethubeni lokuqeda kwiTop 8. Kanti nasezembeni abakaphumi ngokuphelele.

“Yize sesiyinqobile iligi, kusekhona esifuna ukukufeza siyiqembu,” kusho uLakay. “Nami ngokwami ngingedwa nje kukhona engizibekele khona engisazolwela ukukufeza.

“Bengizibekele ukuthi ngisize ngamagoli angu-15 (ngokuwashaya noma ukuwakha) okwamanje ngina-11. Ngakhe ayisikhombisa, ngashaya amane kule sizini.

“Yingakho ngisafuna ukuqhubeka ngizame kuze kube ngiyafika kulokhu ebengizibekele khona. Futhi yingakho namanje sisenomdlandla nentshisekelo yokudlala yize isicoco sesimxhakeni.

“Baningi nabanye ozakwethu abanezinto abasafuna ukuzifeza njengami. Futhi siyiqembu sifuna ukwandisa isibalo amaphuzu,” kucacisa lo mdlali.

Nokho kungenzeka uLakay azithole esebhentshini njengoba abaqeqeshi kungenzeka babe nesifiso sokuhlola isimo sabadlali abebengalitholi njalo ijezi. UManqoba Mngqithi uke wakuveza lokhu phambilini, kodwa wathi kukho lokho abafuni kodwa ukuzithola sebeshaywa.

AmaBrazilian anerekhodi elihle kule sizini njengoba esashaywe kanye nje vo emidlalweni yeligi. Cishe izokulwela ukuqeda isizini naleli rekhodi.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Faceboook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.