‘Asikhali kwiSundowns, siyemukela siqhubekele phambili’: Mokwena

'Asikhali kwiSundowns, siyemukela siqhubekele phambili': Mokwena
URulani Mokwena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Buka ukuthi ungathathani oluhle bese uqhubekela phambili. Lena yindlela okwemukelwa ngayo imiphumela kwiMamelodi Sundowns, ngokusho kukaRulani Mokwena.

UMokwena uthi kwiSundowns akukhalwa, kwemukelwa umphumela bese kubhekwa phambili ukuze kuzanywe ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo.

Ukuveze lokhu ngemuva kokuphoxeka ekugcineni eDomocratic Republic of Congo la bebanjwe khona ekugcineni sebethi bawinile.

ISundowns beyivula umkhankaso wayo weCAF Champions League ne-AS Maniema yakhona eDRC.

Ngemuva kokushaya igoli ihambe phamabili ngomzuzu ka-86, bese kubonakala iwufezile umsebenzi kodwa labuya elasekhaya lalinganisa ngomzuzu ka-90.

“Kuhlezi kunzima ukudlala uma kubuywa ekhefini leFifa ngenxa yokuthi sisuke kade singekho isikhathi esanele sokuzilungiselela.

“Abadlali basuke kade besemaqenjini abo esizwe ngakho kukhona eningakwazi ukukukwenza kahle nabo ngesikhathi nizilungiselela.

“Kodwa sikhombise ukubekezela nokulwa kulo mdlalo yize izimo bezingezinhle futhi sibhekene neqembu elihle ebelizimisele.

“Isiwombe sokuqala asibanga sihle, senze amaphutha amaningi angenasidingo. Futhi besingakwazi ukwenza izinto ezifanele uma sesisondela ebhokisini labo.

“Siwakhe kabili nje kuphela amathuba babe sebejika indlela bedlala amabhola amade bewathumela kuKalowe Kitwa okusikhiphe esitayeleni sethu.

“Besingakwazi nhlobo ukugcina ibhola obekwenza kube nzima ukuthi sikwazi ukwenza izinto esifisa ukuzenza,” kusho uMokwena.

Nokho kube ngcono esiwombe sesibili ikakhulukai sekungene uSibusiso Vilakazi ofike wadlala ibhola elisheshayo engena ephuma phakathi kwezitobha zeManiema.

“Ngesiwombe sesibili bese singcono siliphatha kangcono nebhola. Siwakhile namathuba amahle okuthi besingawashaya amagoli.

FUNDA NALA: Ujabule washeshe wabuya nganeno uMasutha ezakhe ziwina ngembudlu

“Siyilahle ekugcineni ngokulibala ukuthi umdlalo awukapheli bathola igoli lokulinganisa.

“Kodwa asikhali kwiSundowns, siyemukela lokho esikutholile bese siqhubekela phambili sithungathe okungcono.

“Bekushisa kakhulu futhi lapha akunamoya, lokho kuba yinselelo kubadlali ngoba umzimba awusheshi ukujwayela lesi simo.

“Nokuthi inkundla inotshani bokufakelwa nakho kwengeze ezinselelweni ebesibhekene nazo.

“Kodwa okwethu bekuwukuthi sizame ukumelana nezimo futhi sikwenzile lokho, sakhombisa ukuthi siyafuna ukuwina.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.