‘Asikho isitobha esidlula uSibisi kwiPremiership njengamanje,’ kusho uNcikazi we-Arrows

UNkosinathi Sibisi weGolden Arrows

OKADONGA GUMBI

UMandla Ncikazi ukholwa wukuhi asikho njengamanje isitobha esidlala kahle njengoNkosinathi Sibisi kwiDStv Premiership, kodwa akakutholi ukunconywa ngoba udlalela iqembu elingadumile.

USibisi usenza kahle kwiLamontville Golden Arrows futhi ube nesandla ekutheni leli qembu libe ngelinye labengakahlulwa kule sizini kuze kube bagilwa yiCape Town City ngasekupheleni kukaJanuwari.

Yize kuhlale kunezinkulumo kwabezindaba nakubalandeli bebhola kuleli ngabadlali okumele ababheke umqeqeshi weqembu lesizwe, uMolefi Ntseki uma eseqoka isikwati sakhe esilandelayo, elikaSibisi igama alikaze lavela.

UNcikazi, oqeqesha i-Arrows, uthi lokhu kwenziwa yiqembu adlala kulo uSibisi elingeyena undabuzekwayo.

“Ngicabanga ukuthi indlela abantu bakuleli ababuka ngayo umdlali ihambisana nokuthi ukuliphi iqembu,” usho kanje uNcikazi ekhuluma nabeNew Frame.

“Uke uthole umdlali ongenasimanga esitheni esenziwa into enkulu ngoba nakhu nje edlala eqenjini elikhulu nelithandwayo – hhayi ngoba nakhu enekhono elihle.

“Isibonelo nje, kukhona u(Nkosinathi) Sibisi kwi-Arrows, lo odlala emuva. Ngikholwa wukuthi njengamanje nguyena isitobha esiphambili kwiPremiership.

“Angikusho lokhu ngoba nakhu ekwi-Arrows… ungabuza ngisho uSteve (Komphela) lokho, uzokutshela into efanayo. Wukuthi nje udlalela iqembu elinganakiwe nelingadumile.

“Ngiyacabanga ukuthi uma ungabheka nezibalo zingavumelana nami kulokhu. Kodwa abanye bazozibonela uhlanya nje lomqeqeshi la kimi ngokusho lento.

“Nokho anginawo amahloni okukusho, ngisho nba kuthiwa umhlaba wonke uyaphikisana nami. Ngikholwa wukuthi yiqiniso elimsulwa lokhu engikushoyo,” kuchaza le nsizwa ezalwa eHlokozi.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.