Asikhohlwe osekudlulile, sibheke phambili manje, kusho owePirates

Asikhohlwe osekudlulile, sibheke phambili manje, kusho owePirates
OLinda Mntambo, Kabelo Dlamini noSiphesihle Ndlovu be-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi sekumele balibale okwenzeke ngempelasonto edlule manje, babheke phambili.

IPirates ishiphe kudliwa ngoLwesihlanu ngesikhathi iguqiswa yiRS Berkane yaseMorocco emdlalweni wamanqamu kwiCaf Confederation Cup.

Ukwehlulwa kwePirates kubehlise kakhulu abalandeli bayo abese bethembile ukuthi izobageza izinhliziyo ngalesi sicoco njengoba kuleli izishwebe zonke.

Nakho ke seyishweba nakhona. Kodwa uNcikazi uthi akusale sekubhekwa phambili manje ngoba kusenemidlalo yeligi okumele bayidlale.

IPirates isenethuba lokuqeda ezindaweni zokubuyela emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo uma ingayiwina yomithathu imidlalo eyisalele.

Leli qembu laseSoweto lisendaweni yesikhombisa kwilogi yeDStv Premiership kodwa lingenyuka lize lifike kweyesibili.

NgoLwesibili iPirates izogadulisana neMaritzburg United e-Orlando Stadium bese kuthi ngoLwesihlanu idlale neRoyal AM bese ivala isizini ngoMsombuluko ozayo eSuperSport United.

“Kumele sizilungiselele, sinelinye ithuba lokuthola amaphuzu amathathu… kumele siwalwele lamaphuzu amathathu,” kusho uNcikazi ngaphambi komdlalo wangoLwesibili.

FUNDA NALA: UBartlett usola iSafa ngokuba yimiquba engenamsebenzi walutho

“Osekwenzekile sekufana nobisi oseluchithekile. Asibheke phambili manje, kumele siqale ngamaphuzu amathathu ngoLwesibili bese sibheka ukuqeda isizini ngokuwina imidlalo emithathu kulandelana.

“Sizobhekana neMaritzburg United ngoLwesibili okuyiqembu elihle futhi eliyiwinile imidlalo yalo emibili edlule ngakho lisefofomini enhle.

“Bayiqembu elithanda ukwenyuka livukimbe le phezulu ngakho ngeke kube wumdlalo olula. Kodwa iPirates uma izimisele – kumele izimisele – izowunqoba lo mdlalo.”

IPirates kulindeleke iqale umdlalo ngabaye babadlali abebengalitholi njalo ijezi kule sizini njengoLinda Mntambo noSiphesihle Ndlovu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.