‘Asishayangwa yiChiefs, sizishaye thina,’ kusho uMngqithi

UManqoba Mngqithi

OKADONGA GUMBI

Uyivume kuqaqamba inhliziyo induku, ebonakala nasebusweni ukuthi akeneme umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi ngemuva kokushaywa yiKaizer Chiefs ngeSonto ntambama.

Amakhosi yiwo aphule irekhodi leBrazilians lokungashawa emidlalweni yeDStv Premiership kule sizini njengoba beyisidlale engu-21 ngaphandle kokuhlulwa.

Okudikibalise uMngqithi kakhulu wukuthi bashaywe yiqembu abebengalishaya ngembudlu yamagoli ukuba bawasebenzise ngendlela amathuba abawakhile, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala la bebezigelezela khona.

“Angikholwa wukuthi yiqembu ebelingaphula irekhodi lethu leli ngoba akukho simanga abanaso, empeleni nje sizishaye thina…” kusho uMgqithi ngemuva komdlalo.

“Akuwona umdlalo obekumele sidliwe kuwo lona ngoba sibe namathuba amaningi. Kodwa uma uyeka amathuba ngendlela esenze ngayo kuyenzeka lokhu.

“Ukuvuma ukuthi sihluliwe kulo mdlalo yinto enzima kimi njengamanje. Kodwa lo mphumela uzosikhumbuza ukuthi asigqokile insimbi nathi siyashayeka.

“Uzosenza sikhumbule ukuthi uma sesihamba phambili kumele siqhubeke sishaye amanye amagoli ukuze siqede ngezitha zngabuyi zisifakele ingcindezi,” kuqhuba yena.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *