‘Asithokozi uma engadlali uSiyabonga Mpontshane kwiPirates’

'Asithokozi uma engadlali uSiyabonga Mpontshane kwiPirates'
USiyabonga Mpontshane wePirates

 

UZweli Mpontshane oyinhloko yezemidlalo kumasipala waseJozini uthi kubaphatha kabi ukubona unozinti uSiyabonga Mpontshane engalitholi njalo ijezi kwi-Orlando Pirates.

Usho lokhu ngesikhathi kunemidlalo yeMayoral Cup kulo masipala ngempelasonto. Bekuhlungwa amaqembu azodlala eyamanqamu yeMayoral Cup kanjalo nakumaSalga.

UZweli uthe ujabule ngokuthi le midlalo ibe yimpumelelo nokuthi ihlale ibalulekile ngoba isikhiqize abadlali abafana noMpontshane.

“Siyafisa njengomkhandlu waseJozini ukuthi uMpontshane ahlale edlala njalo. Kuyinto enhle ukuthi iJozini inaye umuntu emkhiqizile odlala esigabeni esiphezulu,” kusho uZweli.

“Siyaziqhenya ngaye uMpontshane kodwa uma engasitholi isikimu asithokozi njengeJozini. Kodwa siyazi ukuthi ukuze udlale kubhekwa ifomu, bese umqeqeshi akhethe lowo okumele amdlalise.”

UMpontshane uyena obesemapalini ngesikhathi iPirates ibhaxabula iMamelodi Sundowns ngo 3-0 emdlalweni weMTN8 ngempelasonto.

“Uvimbe kahle kakhulu njengoba kungangenanga goli kuyena.” Kulindeleke ukuthi kuphinde kubuye yena uma iPirates seyibhekene neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

“Siyamfisela ngaso sonke isikhathi ukuthi adlale ngoba usuke edlalela iJozini yonke. Udabuka la eJozini futhi udlalile ezigabeni eziphansi.

FUNDA NALA: U-Alex Bapela usola uRulani ngokukiribha uMngqithi kwiSundowns

“Le midlalo yeMayoral Cup namaSalga seyikhiqize inqwaba yabadlali abafana naye uMpontshane nabanye abaningi. Iyimidlalo ebalulekile kulo mkhandlu wethu,” kuphetha uZweli.

Imidlalo yeMayoral Cup izophethwa sekusele amane okuzophuma kuwona elizodla umhlanganiso emasontweni ezayo.

UZweli uveze ukuthi bameme amaqembu ePSL ukuthi azobheka abadlali uma sedlalwa kweyamanqamu. Sikhona nesifiso sokuthi kube khona uMpontshane njengoba edabuka kule ndawo.

Sihle Ndlovu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *