Asiyazi lento yezibhaxu esingaka eNaturena, kusho uNgcobo weChiefs

Asiyazi lento yezibhaxu esingaka eNaturena, kusho uNgcobo weChiefs
UNkosingiphile Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bekumuncu eNaturena kuleli viki abadlali nabaqeqeshi bencishana amesho ngenxa yesibhaku iKaizer Chiefs enenebulwe ngaso ngempelasonto edlule.

Leli qembu eliphekwa uStuart Baxter lizithuke liba wucilo, lazishayisa endukwini yeRoyal AM engabanga isaliyeka ithuba yayibhaxa ngo 4-1.

Umdlali weChiefs uNkosingiphile Ngcobo uthi isimo besingesihle njengoba wonke umuntu ebona ukuthi kumele bajike ukwenza.

“Ngemuva kwalokhuya kuhlulwa wonke umuntu ubonile ukuthi kumele senze isiqiniseko siyavuka sizinthintithe.

“Kumele sithumele umlayezo oshubile. Kumele singene enkundleni silandele amacebo ethu okudlala,” kusho uNgcobo ngoLwesine.

“Vele ebholeni niyehlulwa kwesinye isikhathi kodwa ngicabanga kwiChiefs asikufuni ukuhlulwa ngaleya ndlela.

“Yingakho siqgugquzelana nje ngoba kumele nakanjani emdlalweni olandelayo sibuye nomphumela ojabulisayo.

“Abantu engihlangana nabo uma ngizihambela (uma engekho eNaturena) bangifaka umoya omuhle wokuthi sizogcina sihlangene kahle.

“Sidinga nje ukuzikhandla , siphushe bese siqinisekisa ukuthi uma sidlala, siyalikhumbula ibheji leqembu.”

Ithuba lokubuyisa izinduku iChiefs izolithola ngeSonto uma seyibhekene nelinye iqembu elisha, iMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership.

UNgcobo ngomunye wabadlali eliseyivela kancane kubo ithuba lokudlala kule sizini. Uthi ukungena esezovala isikhala kuyamgqilaza.

FUNDA NALA: UPitso usathandwa kwi-Al Ahly, kusho osondelene neqembu

“Ukungena uzoshintsha omunye umdlali yinto ehlezi ikufakela ingcindezi ngoba kumele ujike izinto emdlalweni.

“Angicabangi ukuthi ngidlale kabi (uma engene esuka ebhentshini) kodwa ngicabanga ukuthi ngingaya ngokuba jgcono uma ngithola imizuzu engu-15 noma ngaphezulu.

“Ngingazama ukusiza iqembu lithole igoli,” kuchaza lo mdlali osemncane odabuka eMgungundlovu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.