Asiyesabi iChiefs, siyayihlonipha kuphela: Chippa United

U-Ismail Watenga nozakwabo kwiChippa United

SIHLE NDLOVU

IChippa United isalelwe yimidlalo eyisithupha kuphela ukuthi iqinisekise ukungadliwa yizembe kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini.

Leli qembu elizinze e-Eastern Cape lingase lizithole liqonda ngqo kwalasha uma lingakugwemi ukushaywa emidlalweni esele. Lisendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-24. Emsileni kuhleli iBlack Leopards ngamamapahuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo efanayo.

NgeSonto iChilli Boys izamile ukungaziki nomkhumbi kakhulu ngesikhathi ibambana neLamontville Golden Arrows ngo 0-0. Nokho unozinti weChippa u-Ismail Watenga wazi kahle ukuthi kumele baqhubeke nokuqoqa amaphuzu ukuze bagweme izembe.

IChilli Boys izobhekana neKaizer Chiefs emdlalwei weligi eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama. IChiefs isahambela phezulu ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 ngeSonto.

“Umoya ekhempini muhle kakhulu, sigquqgquzelekile ngemuva kokudlala ngokulingana neGolden Arrows. Ingelinye lamaqembu amakhulu kwiPSL. Kuyasigqugquzela kakhulu lokhu futhi ngethemba ukuthi kuzosinika ukuzethemba emdlalweni olandelayo esizowudlala neKaizer Chiefs,” kusho uWatenga.

IChiefs nayo iyawadinga kakhulu amaphuzu ukuze iqinise indawo yayo kwiTop 8. Njengamanje isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-28. Isalelwe yimidlalo eyisikhombisa ukuze isonge isizini.

“Mayelana neKaizer Chiefs bayiqembu elikhulu futhi eliqinile. Siyabahlonipha kodwa asibesabi. Sizobahlonipha uma bephethe ibhola kodwa uma liphethwe yithina kumele sidlale njengoba sihlale senza sibhekene namanye amaqembu.

“Yiqiniso ukuthi bayiqembu elikhulu kodwa asibesabi, siyabahlonipha nje kuphela. Ukuwimdlalo weChiefs kubalulekile kithina ngoba asihleli ezindaweni ezifanayo. Ukuthola amaphuzu amathathu kubalulekile kithina ngoba kumele sivike izembe. Kimina ukungangenelwa yigoli (bebhekene ne-Arrows) kube yinto enhle kakhulu. Kusinika ukuzethemba ukuthi siqhubeke nokulwa,” kuphetha uWatenga.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.