SIHLE NDLOVU
Amaqembu aKwaZulu-Natal agijima kwiGladAfrica Championship awalibonanga elidlalayo emidlalweni yawo yangempelasonto yePhasika.
Kukhale induku kusuka ngoMgqibelo kwawaKwaZulu-Natal, kwaphinde kwaba esifanayo nangeSonto. Iqembu elivule ngokubhabhadiswa ngesibhaxu kube yiRichards Bay FC ebuye eKapa inyobozela ngemuva kokushaywa yiCape United ngo 3-1.
Ukushaywa kweNatal Rich Boyz kuyehlisele endaweni yesithathu kwi-log njengoba inamaphuzu angu-32, kanti iSekhukhune United iyona ezihola phambili ngamaphuzu angu-34. Nokho leli qembu elicijwa uSimo Dladla lisasalele emuva ngomdlalo owodwa ngenxa yokuthi lihambe ibanga elide kwiNedbank Cup.
NgeSonto iqhubekile yasho induku kwezaseKZN iRoyal AM ithelwa othulini yiJDR Stars ngo 1-0. Leli qembu liyibambe endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-31 kodwa nalo lisadlale imidlalo engu-19 njengeRichards Bay.
EKapa siqhubekile isibhaxu kwelinye iqembu laseKZN ngesikhathi iCape Town City ishaya Uthongathi ngo 2-1. Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu lizoqhubeka nokuhlala endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-26 ngemuva kwemidlalo engu-20.
Imidlalo yeChampionship izoqhubeka phakathi nesonto. NgoLwesibili iRichards Bay izobhekana naCape Town All Stars, eParow Park Stadium, eKapa, ngo-3 ntambama. UDladla oqeqesha iNatal Rich Boyz uzothemba ukubuya namaphuzu aphelele kulo mdlalo. Uthongathi luzobhekana neJDR Stars ePrincess Magogo Stadium, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama.
IRoyal AM izokwamukela iSekhukhune United eChatsworth Stadium, ngalo oLwesithathu ngo-3 ngambama. Uma ingawina lo mdlalo ingabe yenzele iRichards Bay olukhulu ufefe njengoba iSekhukhune kuyiyona eqhwakele. Nokho nayo iRoyal AM isesethubeni lokusidla isicoco njengoba isendaweni yesihlanu.
Imiphumela yeGladAfrica Championship:
Cape Town All Stars 2-1 Uthongathi; TS Sporting 4-0 Bizana Pondo Stars; Royal AM 0-1 JDR Stars; Pretoria Callies 0-0 Jomo Cosmos; Pretoria University FC 0-1 Free State Stars; Sekhukhune United 2-0 Cape Town All Stars; Polokwane City 2-1 Steenberg United; Cape United 3-1 Richards Bay
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA