Athelwe ngehlazo amaProteas eshaywa kanzima yiNew Zealand

Athelwe ngehlazo amaProteas eshaywa kanzima yiNew Zealand
Sihle Ndlovu

INew Zealand ithele iNingizimu Afrika ngehlazo ngesikhathi iyishaya nge-innings nama-run angu-276 kwiTest yokuqala eChristchurch ngoMgqibelo.

AmaProteas akukho akwenzile kulo mdlalo ngaphandle kokubhacaza, ukuhluleka ukuthatha izinqumo okuyizona nokudlala sengathi akhonjwe ngesibhamu.

Umdlalo uqale ngoLwesithathu iqembu lakuleli labhetha kuqala, lashaya udaka olushayisa ngamahloni. Likwaze ukuhlanganisa ama-run angu-95 laphuma lonke.

Ngasohlangothini lweNew Zealand bekubhoke uMatt Henry othathe amawikhethi ayikhombisa.

Iphendula iBlack Caps iwakhombisile amaProteas ukuthi kubhethwa kanjani, ibeka ebhodini ama-run angu-482.

Kuvele kwacaca lapho ukuthi iNingizimu Afrika ngeke iyiwine le Test yokuqala uma kubhekwa indlela ebhethe ngayo kwi-innings yokuqala.

Nebala kube yisimo esifanayo kwi-innings yesibili amaProteas eqoqa ama-run angu-111 kuphela, athelwa kanjalo ngehlazo lokushaywa nge-innings nama-run angu-276 wonke.

FUNDA NALA: OweHoroya akawuvali umlomo ngokuthuthuka kwamaqembu akuleli kwiChampions League

Umdlali obe ngcono kumaProteas uTemba Bavuma owenze ama-run angu 41 kodwa konke okunye kuhambe kabi kakhulu.

Akekho obelindele ukuthi umdlalo uphele ngemuva kwezinsuku ezimbili nohhafu nokuthi amaProteas adlale sengathi kubuhlungu izandla.

UHenry uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo njengoba engagcinanga ngokuthatha amawikhethi ayisikhombisa kodwa ushaye nama-run angu-58 kwi-innings yeNew Zealand.

Kuzomele bavuke bazithathe abadlali bakuleli njengoba umdlalo wesibili weTest uzoqala ngoFebhuwari 25.

Kufanele bawuwine nakanjani lo mdlalo ngoba uma kungenzeki lokho iBlack Caps izowina uchungechunge lwemidlalo emibili ngo 2-0.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.