Avutha umlilo ongacisheki amaProteas abesifazane e-India

AmaProteas ejabula nendebe yemidlalo yosuku olulodwa e-India

SIHLE NDLOVU

Iqembu laseNingizimu Afrika lekhilikithi labesifazane limatasa lephula amarekhodi njengoba libhekene ne-India emidlalweni yosuku olulodwa neyeT20 ekuhambeni.

AmaProteas aholwa nguSune Luus (ukaputeni) ashaya into ecokeme e-India nokuyinto ebingalindelekile ngesikhathi ethatha uhambo lokuvakashela leli lizwe. Izintokazi zakuleli zibhaxabule i-India ngo 4-1 emidlalweni yosuku olulodwa zakhala zemuka nendebe.

Ngemuva kwalokho kudlulelwe emidlalweni yeT20 emithathu eqale ngoMgqibelo. Iqembu lakuleli liqhubeke lapho ligcine khona libhaxabula i-India ngamawikhethi ayisishiyagalombili ngoMgqibelo. Lokhu bekuchaza ukuthi i-India kumele iwuwine nakanjani umdlalo wesibili ukuze ingalahlekelwa uchungechunge lwemidlalo emithathu yeT20.

NgeSonto i-India ibhethe kuqala yenza ama-run angu-158. Lokhu kubukeke kungumqansa kakhulu kwiNingizimu Afrika obekumele yenze ama-run angu-159 (kuma-over angu-20) ukuze iwine. Nokho izintokazi zakuleli ziphinde zakhombisa ukuthi sezinamava kwikhilikithi yomhlaba ngesikhathi ziwina ngamawikhethi ayisithupha.

Emidlalweni yosuku olulodwa umdlali obevutha ngokushaya ibhola kumaProteas, uLizelle Lee, owenze ama-run angu-288 yize engawudlalanga umdlalo wokugcina ngoba efuna ukuphumula. NangeSonto lo mdlali uwathwalile amaProteas eshaya ama-run angu-70, kanti ulekelelwe uLaura Wolvaardt oshaye ama-run angu-53 engaphumanga.

Ukuwina kweNingizimu Afrika iT20 yesibili kuchaza ukuthi seyimuke nalo uchungechunge lwemidlalo yeT20 yize kusazodlalwa umdlalo wokugcina ngoLwesibili. Kungokokuqala ngqa iqembu labesimame lakuleli liwina uchungechunge lwemidlalo yeT20 libhekene ne-India. AmaProteas asethubeni elihle lokuhlaza i-India ngokuyishaya ngo 3-0 kule midlalo njengoba kuzodlalwa umdlalo wokugcina ngoLwesibili.

Leli qembu eliqeqeshwa uHilton Moreeng libukeka lidlondlabala kwikhilikithi yomhlaba, futhi kunethemba elikhulu lokuthi lizogcina lenza into ebonakalayo nakwiNdebe yoMhlaba.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *