AweCurrie Cup azothi njo emdlalweni weBulls neLions

Sihle Ndlovu

Umdlalo weCarling Currie Cup phakathi kweVodacom Bulls neXerox Lions, ubalulekile emaqenjini adlala kulo mqhudelwano ngenxa yezizathu ezahlukene.

Okwenza ukuthi lo mdlalo ubaluleke ukuthi kuminyene utshumo kwi-log yeCurrie Cup njengoba kuzosongwa imidlalo yamaphuzu ngempelasonto. Kufanele kuhlaluke ukuthi yimaphi amaqembu amane azozibekisela indawo kweyandulela eyamanqamu.

Umdlalo kwakumele udlalwe ngoDisemba kodwa wahlehliswa ngenxa yeCoronavirus. UseLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.

IBulls iyona ezihola phambili kwi-log yeCurrie Cup ngamaphuzu angu-35, bese ilandelwe yiDHL Western Province ngamaphuzu afanayo. Endaweni yesithathu kuhleli iCell C Sharks ngamaphuzu angu-33, kanti inanyathelwe emhlane yiXerox Lions ngamaphuzu afanayo.

Akungabazeki ukuthi iBulls izofuna ukuwuwina umdlalo wangoLwesithathu ukuze iqinisekise ukuthi idlalela ekhaya owandulela owamanqamu. Leli qembu lasePitoli lisenomdlalo elisalele ngawo emuva kodwa ngeke lifune ukuya emdlalweni wokugcina nePhakisa Pumas linengcindezi.

Ngakolunye uhlangothi iLions izofuna ukuwina ukuze iqinisekise indawo yawo kweyandulela eyamanqamu. Ngemuva kwayo kukhona iToyota Cheetahs enamaphuzu angu-27. ICheetahs izobhekana neTafel Lager Griquas, eTafel Lager Park, ngpMgqibelo ngo-4.30 ntambama. Kuyaziwa ukuthi iGriquas iwukudla kwenduku kwiCurrie Cup ngakho maningi amathuba okuthi kuwine iCheetahs. Ukungawini kweLions ngoLwesithathu kungase kusho ukuthi kuphelile ngayo kulo mqhudelwano.

Elinye iqembu elingamile kahle kwiCurrie Cup yiCell C Sharks. Akungabazeki ukuthi leli qembu laseThekwini lizofuna kuwine iBulls ngoLwesithathu ukuze lingagudluki endaweni yesithathu.

Imidlalo yeCurrie Cup:

NgoLwesithathu: Vodacom Bulls v Xerox Lions (Loftus Stadium, 7pm)

NgoMgqibelo: Tafel Lager Griquas v Toyota Cheetahs (Tafel Lager Park, 4.30pm); DHL Western Province v Cell C Sharks (DHL Newlands, 7pm)

NgeSonto: Phakisa Pumas v Vodacom Bulls (Mbombela Stadium, 4pm)