AwePSL angase angavunyelwa ukudlala eyeCAF

IMamelodi Sundowns Ladies
Sihle Ndlovu

Amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates angase azithole engakwazi ukudlala kwiCAF Champions League, nakwiCAF Confederation Cup, uma iCAF iyilandelela kahle imithetho yayo.

Ngokomthetho omile weCAF wonke amaqembu kumele abe namaqembu abesifazane angaphansi kwawo kwiligi yawo, ukuze adlale imiqhudelwa yale nhlangano.

Njengamanje kwiPremier Soccer League (PSL) yiMamelodi Sundowns, University of Pretoria neTS Galaxy kuphela amaqembu anawo awabesifazane angaphansi kwawo. Elinye iqembu elalinalo elabesifazane yiBloemfontein Celtic isitifiketi sayo esidayisele iRoyal AM. Akukaze kuvele ukuthi iThwihli Thwahla inalo elabesifazane.

Ngokomthombo okhulume neMpempe, iCAF ingase iwabhekisise amaqembu adlala imiqhudelwano yayo ukuthi ayilandela ngendlela yini imithetho yale nhlangano, kusukela ngonyaka ozayo.

“Lo mthetho sewube khona iminyaka eyishumi kokudingwa yiFIFA/CAF/SAFA ukuze uvunyelwe ukudlala imiqhudelwano,” kusho umthombo ongafunanga ukudalulwa.

“Amaqembu akuleli, njengoba ehlale enza, abelokhu edoja, eqamba namanga wonke amasizini uma egcwalisa amafomu abizwa ngeClub Licencing Forms.

“I-FIFA neCAF bebazi ukuthi imininingwane abayitholayo iyiyona nokuthi konke kuqondile. Manje azoshayeka amaqembu akuleli uma seyibhekisiswa kahle le nto.”

IMamelodi Sundowns Ladies yilona iqembu elithwele amathemba abesifazane eNingizimu Afrika. Leli qembu seliqophe umlando ngokuwina iWomen’s African Champions League yokuqala ngqa, e-Egypt ngonyaka odlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.