AwePSL eKZN ayakha kuzuze iDowns, Bucs neChiefs

UBandile Shandu

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukuvumela kwamaqembu aKwaZulu-Natal ukuthi kuthezwe abadlali kalula kuwona, kulimaza inqubekela phambili yawo kuphinde kubulale nebhola kulesi sifundazwe.

Kuyaziwa ukuthi ikhono likanobhutshuzwayo liyintaxa KwaZulu-Natal kodwa akukuhle ukubona amaqembu esifundazwe ezalabalaza kanzima, ekubeni abadlali abusuke belandwe kuwona benza amaqembu akwezinye izifundazwe ashayele phezulu.

Okuyinkinga nje ukuthi akugcini ngokuthi amaqembu aseGauteng alande abadlali abadabuka KwaZulu-Natal kodwa nalabo abathenga ngaphandle amaqembu akulesi sifundazwe. bagcina bephelele kwamanye amaqembu.

Njengamanje kubukeka kuyiMaritzburg United esikhumuke kakhulu idedela abadlali baye emaqenjini amakhulu aseGoli kula masizini edlule.

Lapha sibala uRushine de Reuck (Mamelodi Sundowns), Richard Ofori (Orlando Pirates), Lebohang Maboe (Sundowns), Brian Mandela Onyango (Sundowns), Thabiso Kutumela (Sundowns), Bandile Shandu (Pirates) nabanye.

Kunamahlebezi okuthi uBongokuhle Hlongwane weTeam of Choice, ufunwa uthuli yiSundowns. Lo mdlali weBafana Bafana uyena oshayela amagoli leli qembu laseMphithi.

IMaritzburg iqale isizini kunamahlebezi okuthi ingase idayiswe ngoba kunezinkinga ezithinta imali. Njengamanje iTeam of Choice iyibambe ngasemsileni kwilogi yeDStv Premiership, okuchaza ukuthi kungenzeka noma yini ngokuphela kwesizini.

ILamontville Golden Arrows nayo kuyaxetshulwa kuyona uma kuvela ithuba. Ekupheleni kwesizini edlule ilahlekelwe uDevine Lunga (Sundowns), Ntsako Makhubela (Pirates), Zolani Nkombelo (TS Galaxy) noSeth Parusnath (Sekhukhune United).

AmaZulu awasali ngaphandle uma kugawulwa. Ngesizini edlule alahlekelwe uSibusiso Mabiliso oye kwiKaizer Chiefs noTalent Chawapiwa ojoyine iSekhukhune United. Kuyaziwa ukuthi uSiyethemba Sithebe woSuthu njengamanje ukhonjwa kwiChiefs.

Ezakamuva zithi uVictor Letsoalo weRoyal AM angase alishiye iqembu ngoba ufunwa uthuli amaqembu aseGauteng. Lo mdlali uyena umshini wokushaya amagoli eqenjini likaShauwn “MaMkhize”  Mkhize.

Kukhona konke lokhu kuyaqondakala ukuthi amaqembu athathwa njengamancane kunzima ukuthi agcine abadlali uma sebegabiselwe ngemali yilawo athathwa njengamakhulu. Lokhu kugcina kuwamoshile kodwa njengoba egcina eshaywa abadlali abasuka kuwona, aze adliwe yizembe.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.