Ay, kodwa siyashesha ke thina ukuxosha abaqeqeshi kuleli

Ay, kodwa siyashesha ke thina ukuxosha abaqeqeshi kuleli
UStuart Baxter
UMBONO – LISENETHINI!
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Isemihlanu nje kuphela imidlalo selokhu iqalile isizini yeDStv Premiership ka2021/22 kodwa aseqalile amaqembu ukushintsha abaqeqeshi.

NgoMsombuluko silale ngezindaba zokuxoshwa komqeqeshi weTS Galaxy u-Owen Da Gama.

Uxoshwa nje uDa Gama neSwallows imemezele ukuthi umqeqeshi walo uBrandon Trutter usathathe ikhefu.

Kodwa ngokujwayelekile umqeqeshi othathiswa ikhefu ngale ndlela usuke esexoshiwe sekwembathiswa nje.

Ngaphandle nje kwalamaqembu esengiwabalile akhona namanye angasaneme ngabaqeqeshi bawo okubalwa kuwo iKaizer Chiefs neChippa United.

Lokhu kuxoshwa kwabaqeqeshi kungishiya nemibuzo eminingi ngoba kwamanye amazwe bayambekezelela umqeqeshi uma izinto zingahambi kahle.

Unikwa ithuba lokusebenza neqembu izinto zize zilunge bajabule abandeli bakhohlwe ukuthi yibona abebefaka ingcindezi bethi akaxoshwe ngoba akenzi kahle.

Ngizokwenza isibonelo ngamaqembu ambalwa phesheya kwezilwandle.

Ngemuva kwesibhaxu esitholwa yiManchester United kulezi zinsuku nginesiqiniseko esikhulu sokuthi ukube leliqembu ngelaseMzansi ngabe usexoshiwe umqeqeshi.

Ikakhulukazi njengoba iqembu lisayine abadlali abasezingeni eliphezulu okubalwa kubo noChristiano Ronaldo.

Leli qembu selishawe imidlalo emine ilandelana kodwa umqeqeshi abakamxoshi.

Elinye iqembu elidonsa kanzima engikholwa ukuthi ukube ngelalapha ekhaya ngabe usekhonjwe indlela umqeqeshi iNorwich City.

Selokhu iqalile izisini alikawini nowodwa umdlalo njengoba lihlezi emsileni.

Emidlalweni eyisithupha eseliyidlalile lishayiwe kuyona yonke futhi ilona qembu eselingenelwe amagoli amaningi njengoba eyishumi nesithupha.

Kodwa abayikhulumi eyokuxosha umqeqeshi, kunalokho bayameseka ukuthi aguqule isimo seqembu.

Abalandeli be-Arsenal bebengasamfuni nokumbona uMikel Arteta ngemuva kwemiphumela emibi selokhu athatha izintambo.

Kodwa sebecula enye ingoma manje ngoba izinto zibonakala zihamba kahle ngemuva komphumela wangempelasonto lishaya omakhelwane balo iTottenham Hotspur.

Izikhulu zeqembu zikhombise okukhulu ukumeseka nokukholelwa kuyena, nazi izithelo ziyabonakala manje.

Thina kungani singakwazi ukubekezela uma izinto zingahambi kahle emaqenjini ethu?

Abaphathi bamaqembu nabo banesandla sokuhluleka ukuvikela abaqeqeshi olakeni lwabalandeli.

Ngiyazi omunye uzothi kuhle ukulungisa izinto umonakalo usemncane njengoba isizini isephansi.

Kodwa umqeqeshi omusha naye udinga isikhathi esanele ukulungisa iqembu ukuthi lidlale kahle liwine imidlalo.

FUNDA NALA: Ubeneviki elinezinselelo umdlali osemncane weTS Galaxy

Ngikhumbula abalandeli beMamelodi Sundowns befuna ukumudla luhlaza uPitso kwaze kwalamula amaphoyisa amvikela waphuma ephephile enkundleni.

Buka manje ayisabambeki iSundowns eyakhiwa uPitso ngoba umphathi weqembu wakhombisa ukukholelwa
kuyena.

Ngike ngizibuze nje ukuthi njengoba sibaxosha kangaka abaqeqeshi ukhona yini oyoqeqesha iqembu elilodwa kuze kuphele iminyaka engamashumi amabili nangaphezulu njengoba kwenza u-Aserne Wenger no-Alex Ferguson.

Ngikhuluma nje uhlezi ngesinqe esisodwa uStuart Baxter noGavin Hunt emaqenjini abo.

Mina ngithi abanikwe ithuba abaqeqeshi njengoba kwenzeka naphesheya kwezilwandle mhlawumbe lingathuthuka izinga lokuncintisana ebholeni lethu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.