Ayaphela amathiki edabhi, naweMTN8 asesendalini

Ayaphela amathiki edabhi, naweMTN8 asesendalini
Amathikithi edabhi yaseSoweto

 

Aseya ngokuphela amathikithi edabhi, okungumdlalo womkhaya baseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Lo mdlalo ohlezi ubhekwe ngabomvu uzoba ngo-Okthoba 29 eFNB Stadium kanti amathikithi awo asevele asendalini.

Ngesikhathi Impempe iwabheka ngoMsombuluko emini kwaComputicket bese kusele akaLevel 5 kaR100 nakaLevel 2 kaR150 kuphela.

Asikwazanga nokho ukuthola ukuthi kusele amangaki nakuwo. Kulindeleke ukuthi aphele nawo ngempelasonto uma sekuhole abasebenza kuhulumeni ngoLwesihlanu.

Ngokujwayelekile amathikithi edabhi asheshe aphele ngoba lona ngumdlalo omkhulukazi ebholeni elikhokhelayo kuleli.

Ngaphandle kwaseComputicket lamathikithi atholakala nasezitolo zakwaShoprite nezaseCheckers noma kwiTicketPro.

Khonamanjalo iPSL seyimemezele ukuthi amathikithi emidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8 asesendalini nawo.

Emdlalweni wokuqala ozoba ngoMgqibelo ka-Okthoba 22, iMamelodi Sundowns izogadulisana nePirates ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

Emlenzeni wokuqala owawuse-Orlando Stadium lezi zinkunzi zahlabana zaze zabukana ingekho egoba uphondo umdlalo waphela ngo 0-0.

Yingakho ke umdlalo womlenze wesibili sewubhekwe ngabomvu ngoba yiwo osuzocacica inkunzi yohlobo phakathi kweSundowns nePirates.

FUNDA NALA: IBlack Leopards ilande umqeqeshi waseZimbabwe esikhaleni sikaMasutha

Owesibili uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngeSonto lika-Okthoba 23 la kuzobe kubhekene khona AmaZulu FC neChiefs.

Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1 kanti Usuthu luzodlala umlenze wesibili seluphekwa umqeqeshi omusha uRomain Folz.

Lo mqeqeshi uqashwe ngempelasonto evala isikhala sikaBrandon Truter oxoshwe ngoLwesine ngenxa yemiphumela engagculisi.

Amathikithi ale midlalo yeMTN8 adayisa ku: www.TicketPro.co.za nakulezi zindawo ezilandelayo: Spar, Choppies, BP, Caltex, Sasol, Shell, Total naseGlobal. Abiza uR80 lilinye.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *