Ayaxhugela AmaTuks abheke emdlalweni ozocacisa ngeya kwiPremiership

Ayaxhugela AmaTuks abheke emdlalweni ozocacisa ngeya kwiPremiership
O-Etiosa Ighodaro, Bokang Mokwena, Keegan Allan noThabang Sibanyoni be-University of Pretoria
Sbongs Gumbi

Ukumiswa komgadli we-University of Pretoria (AmaTuks) uThabang Sibanyoni ngenxa yokuqokelela amakhadi aphuzi aze abe mane kuzolikhubaza leli qembu.

AmaTuks abezomdinga kakhulu uSibanyoni emdlalweni wawo neSwallows FC ozocacisa iqembu elizodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Lo mdlalo wokugcina kweyokuhlunga uzoba seDobsonville Stadium eSoweto ngoLwesithathu ngo-3 ntambama kanti elizowina kuwo yilo elizobe selithatha indawo esele kwiPremiership.

Izinto zivuma wona AmaTuks njengamanje njengoba edinga ukudlala ngokulingana ukuze angene ezweni loju nobisi.

Ukungabi khona kukaSibanyoni kuzokwenza ijike indlela edlala ngayo kulo mdlalo kwazise amaqhinga ayo okuhlasela akhelwe phezu kwakhe.

Ngaphezu kukaSibanyoni, izophinde idlale engekho u-Ayanda Mvambi odlala esiswini naye ezobe engekho ngenxa yakho ukumiswa.

FUNDA NALA: UDlangalala uvumelana noBroos ngolwabadlali bakuleli abangekho ezingeni

Yiwo aqhwakele kule ligi encane yamaqembu amathathu njengoba inamaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo emithathu.

Ilandelwa yiSwallows ngamane ngemuva kwesibalo esifanayo semidlalo. IDube Birds nayo izobe ingaphelele njengoba uJunaid Sait emisiwe.

ISwallows idinga ukuthi inqobe kulo mdlalo ukuze ikwazi ukungaphumi kwiPremiership kodwa indlela ebhacaze ngayo ishaywa yiCape Town All Stars ilahlisa ithemba.

Leli qembu laseSoweto liyeke i-All Stars ukuthi ithole iwini yayo yokuqala kule midlalo yokuhlunga ngoMgqibelo ibashaya ngo 2-1.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *