Ayikho evume ukugoba uphondo kwi’Tshwane Derby’ njengoba zishukane zaze zabukana ePitoli

OkaDonga Gumbi

Zishukane zaze zabukana ingekho efuna ukugoba uphondo izinkunzi zasePitoli emdlalweni womkhaya weDStv Premiership ophele ngo 0-0 eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Bekulindeleke imbudlu yamagoli kulo mdlalo kwazise womabili amaqembu anabagadli abangalibheki ipali, oPeter Shalulile noThemba Zwane kwiMamelodi Sundowns, noBradley Grobler noThamsanqa Gabuza kwiSuperSport United. Kodwa bonke laba bagadli bekufana nokuthi abekho njengoba engekho unozinti oke wathunyelwa ibhola elisheshayo kwaze kwaphela umdlalo.
ISundowns isahleli phezulu ngamaphuzu angu-25 ngemuva kwemidlalo engu-11. Amatsatsantsa a Pitori wona akweyesibili ngamaphuzu angu-23 emdlalweni efanayo.
Umdlalo uqale ngegiya eliphansi njengoba bezithengana ingekho ebifuna ukusheshe iveze ukuthi ifihleni emgodleni wayo. Kodwa ngokuqhubeka komdlalo zithe ukuvalelana, zaqala zafunana umngangela.
Ngomzuzu ka-20, iSuperSport ingene igeleza abhokisini leDowns kodwa uSipho Mbule wavele walidonsa laphuma kwezu kwamapali.
Ngemuva kwalokho kube sekuyiSundowns elithungayo izama ukuthola izikhala ngemuva kodonga lwaMatsatsantsa a Pitori kodwa yafika kusakhiyiwe. Kuze kwathi ngomzuzu ka-25, uGaston Sirino wazama ukushaya ekude kodwa ibhola lakhe lazibhekela entalashishi.
Ngomzuzu ka-49 iSundowns ibe nenhlanhla unompempe, uVictor Gomes, engayibizi iphenathi emuva kokuthi uPeter Shalulile elithinte ngesandla ibhola esebhokisini langakubo kade ezosiza bevimba ikhona.
Cishe ubesashaywe wuvalo lokucishe afake ezakhe enkingeni uShalulile ngesikhathi uThemba Zwane emkhipha eyobhekana ngqo nonozinti uRonwen Williams kodwa wavele washaya umbozo awuvimbe kalula unozinti.
Zombili lezi zinkunzi zasePitoli zizamile ukuthola amagoli kuwukuthi bezisebenzisa icebo elilodwa lokuzama ukuhlasela ngokuzuma kodwa elingazange lisebenze.