Ayimgculisanga inkundla yaseMdantsane uMcCarthy waMaZulu

ULehlohonolo Majoro waMaZulu FC

MTHOKOZISI MNCUSENI

AmaZulu FC adlale umbozo oyedlula yonke aseke ayidlala kusukela afika kuleli qembu umqeqeshi wawo uBenni McCarthy yize ebuye namaphuzu amathathu koweDStv Premiership neChippa United ngoLwesithathu.

Lo mdlalo Usuthu oluwunqobe ngephenathi kaThapelo Xoki ayinamathisele enethini ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ubuseSisa Dukashe Stadium, eMdantsane.

Akakholwa uMcCarthy ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ikuphasise kanjani ukuthi kudlalwe imidlalo yayo enkundleni ebheda ngalolu hlobo.

“Imidlalo enje ngiyayazi. Bekungavumi lutho ngenxa yenkundla kanti neChippa ibikwenza kube nzima ukudlala ngendlela esiyijwayele.

“Isimo abakusona senza babe yingozi ikakhulukazi uma besekhaya. Balwela izimpilo zabo ngakho bazokwenza kube nzima okwangempela.

“Besingeke sikwazi ukudlala ngendlela esiyijwayele ngenxa yenkundla. Besikuqaphile futhi ukungena ogibeni lokwenza amaphutha ngenxa yayo inkundla.

“Kunezikhathi lapho besifuna ukukwenza kube kuhle kakhulu sikhohlwe ukuthi inkundla iyabheda.

“Ngenxa yalokhu besibuye sibabuyisele emdlalweni kungafanele kodwa ngoba amaphuzu agcine esale ngakithi ngijabule,” kulandisa.

UMcCarthy ujatshuliswa ukuthi lilokhu linombele njalo iqembu lakhe njengoba selisendaweni yesithupha kwilogi yeDStv Premiership.

“Siyaqhuba impela. Ngineme ngendlela abebeshintsha ngayo abadlali bami uma kufanele. Lo mdlalo ubusisonta kodwa baphumelela abadlali bami ukunqoba.

“Kwesinye isikhathi akufanele unconywe ngokuthi udlale kahle, njenganamuhla nje… okumqoka ukuthi sithathe amaphuzu lapha. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi lo umdlalo sishaye into ephansi kunayo yonke eseke yadlalwa AmaZulu sekufike mina njengomqeqeshi.

“Konke kodwa kungenxa yenkundla engingazi ukuthi ngempela i-PSL ivume kanjani ukuthi imidlalo yayo idlalelwe kuyo.

“Le ligi izama ukwenza i-Afrika yonke iziqhenye ngayo inezinkundla okudlalwe kuzona iNdebe yoMhlaba kodwa sizithola sizodlalela enkundleni ebheda ngalolu hlobo.”

Kulimale u-Augustine Mulenga kulo mdlalo kodwa uMcCarthy uthe akungasheshe kukhalwe kepha kulindwe ukuthi odokotela bathini.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.