Ayimlalisi ubuthongo yobuthuntu babagadli bakuleli uNomvete

Ayimlalisi ubuthongo yobuthuntu babagadli bakuleli uNomvete
UCollins Mbesuma, Lungisani Ndlela noSiyabonga Nomvete
Alfred Ngubane

USiyabonga Nomvete uthi kumphatha kabi ukungazimiseli kwabagadli balapha eNingizimu Afrika ngokuhlohla amagoli njengoba kumanje kuzihambela phambili uPeter Shaulile waseNamibia kwiDStv Premiership.

Lo mgadli weMamelodi Sundowns uhamba phambili ngamagoli angu-23. Ekhuluma neMpempe uuNomvete, uthi abadlali bakuleli balibala izinkundla zokuxhumana, bashuthe ukudla nezimpahla zokugqoka.

“Kodwa umsebenzi enkundleni uyabahlula. Abakhi emakhaya, bathenga izimoto zikanakusho,” kusho uNomvete owayengumgadli obabayo ngezikhathi zakhe.

Kumanje ungomunye wabahlobishwayo kuleli njengoba emanagoli angaphezu kuka-100 kwiligi yakuleli.

Uphinde waveza ukuthi ukudlala emincintiswaneni yezwekazi kusondeza amathuba amaningi okuyodlala phesheya kwezilwandle ngoba izinhloli eziningi ziyayilandela iCAF Champions League.

FUNDA NALA: UTruter uveze amahlazo enziwa yiSwallows seyizama ukumphoqa ukuba asule esikhundleni

“Njengoba ubona uPeter Shaulile nginesiqinisekiso ukuthi ukudlala kwiChampions League nokuhlohla amagoli sekumvulele imnyango eminingi emaqenjini aphesheya kwezilwandle.

“Laba bethu abazi nokuthi lidumephi njengoba bengazimiseli nhlobo,” kusho le nsephe eyiphini lomqeqeshi kuMaZulu FC manje.

UShaulile uhamba ezinyathelweni zabadlali bangaphandle kwakuleli abafana noDennis Lota, Collins Mbesuma noJames Chamanga baseZambia, Wilfred Mugeyi waseZimbabwe, Raphael Chukwu waseNigeria nabanye abaningi abenze kahle.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.