Ayimniki ukuphumula emoyeni uMbenyane eyokucupha ngasemnyango kweChippa

U-Andile Mbenyane, ophambili, nozakwabo beChippa United abazobhekana neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo ntambama

 OKADONGA GUMBI

Imphethe kabi emoyeni wakhe u-Andile Mbenyane indawo iqembu asehlale kulo iminyaka engu-12, iChippa United elihleli kuyo kwazise inobungozi bokuwela ezembeni.

IChilli Boys isendaweni ka-13 kwilogi njengamanje kanti isaqoqe amaphuzu angu-13, iphambili ngamane kuphela kwiBlack Leopards esemsileni.

Njengoba izobhekana neBloemfontein Celtic eDr Petrus Molemela Stadium ngoMgqibelo ngo 3 ntambama, uMbenyane ufuna iwini qha.

“Kubaluleke kakhulu kithi ukuthi siwole amaphuzu amathathu ngoba sisendaweni embi ngasekugcineni kwelogi. Sisemaqenjini amane alengela ezembeni.

“Siyawadinga lamaphuzu ngoba azosigxumisa siye endaweni yeshumi noma yesishiyagalolunye. Indlela izinto ezime ngayo, uma uwina umdlalo owodwa kuyacaca ngoba ugxuma usondele emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.

“Yingakho siwadinga egcwele lamaphuzu. Kodwa uma sihluleka kulokho sekomele okungenani sithole iphuzu elilodwa,” kusho uMbenyane oneminyaka engu-32.

“Amalungiselelo omdlalo ahambe kahle. Besibuya emdlalweni obusinda ngempelasonto kwiNedbank Cup la sidlale khona imizuzu engu-120,” kusho yena.

IChilli Boys yashikiliswa yiFree State Stars edlala kwiGladAfrica Championship kwaze kwalamula amaphenathi la elawina khona leli qembu eliphekwa nguDan Malesela okwamanje.

“Alikho iqembu lePremiership elingathi laba nomdlalo olula libhekene neleChampionship. IFree State Stars yasishikilisa saze sayishaya kumaphenathi,” kuchaza uMbenyane.

Umdlalo wabo neCeltic ngowokugcina kweyasekuhambeni okwamanje kanti uMbenyane ufuna ukuthi basivale kahle lesi sahluko semidlalo yangaphandle.

“Besidlala ekuhambeni imidlalo eminingi futhi bekungelula, kodwa senze kahle. Sesifuna ukuvala lesi sahluko nomzuliswano wokuqala wemidlalo ngewini.

“Bazobe besekhaya ngakho ngeke bavume kalula ukwehlulwa. Bayiqembu elithanda ukugijima futhi banabadlali abasheshayo. Thina sithanda ukuligingqa ibhola siye nalo phambili ngesineke.

“Ngibabukile bedlala neSuperSport United futhi abazange bayinike ithuba lokudlala ngendlela ethanda ngayo. Kuzoba ngesifanayo nakithi,” kuphetha uMbenyane.

Khonamanjalo, iChippa seyibuyise uThami Sangweni osayine inkontileka ezophela ekupheleni kwale sizini yalanda no-Anathi Jobodwana obebokisiwe.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.