Ayiphumelelanga imizamo yeChiefs kwanda isibalo sabaneCovid

Ayiphumelelanga imizamo yeChiefs kwanda isibalo sabaneCovid
UDkt Hashendra Ramjee
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kubukeka sengathi imizamo yeKaizer Chiefs yokuhlanganisa iqembu elizobhekana neGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ayiphumelelanga.

Lokhu kulandela ukuthi udokotela waleli qembu uHashendra Ramjee eveze ukuthi sandile isibalo sabaneCovid-19 kuleli qembu.

Ngesikhathi labo abadlali abebekade bezigonqile bebuya ekuqaleni kwesonto behlolwa, kuvele ukuthi sekunabanye abahlanu abahaqekile.

Lokhu kwengeze esibalweni njengoba bekuthe ngeviki elidlule leli qembu laveza ukuthi bangu-31 abanaleli gciwane ekhempini yalo.

Manje kusho ukuthi sebengu-36 sebebonke okumele baqhele eqenjini bayozigonqa izinsuku eziyishumi.

NgoLwesibli emini kuke kwanemibiko ebiveza ukuthi iChiefs izama izaba zokuthi ibuyele enkundleni ukuze iyodlala neGolden Arrows eThekwini ngoLwesithathu.

Leli qembu belingakwazanga ukuqhubeka nomdlalo walo weligi neCape Town City ngempelasonto ngenxa yakho ukuhanguleka ngeCovid kwenqwaba ekhempini layo.

“Ithimba lodokotela kwiKaizer Chiefs libhekane nezigameko zokuhaqeka ngeCovid okuhlasele iqembu lilandela imigomo ebekwe yiNICD nomnyango wezempilo.

“Labo abatholakale benegciwane bayalelwe ukuba bayogonqa kuthi nalabo abake basondelana nabo benze okufanayo izinsuku eziyishumi.

“Bonke abadlali abebegonqile bebelokhu beqashiwe isimo sabo,” kusho uDkt Ramjee.

“Kube sekuphindwa kuhlolwa labo abesebebuya ekugonqeni emahoreni angu-48 edlule.

“Ngeshwa lokhu kuhlolwa kuveze ukuthi sekunabanye abahlanu abathelelekile.

“Lokhu kwenza sibe ngesifanele isinqumo seqembu sokubeka izimpilo zabadlali, abasebenzi nabantu nje abathanda ibhola phambili.

“Ngaphezu kwalokhu, abadlali abatholakale benegciwane kodwa asebeqedile ukugonqa bazoqashelisiswa kulandelwa izindlela ezibekiwe.”

FUNDA NALA: Iwashiye wonke eKapa amaphuzu iMaritzburg kodwa asengabuya

UDkt Ramjee ulinganisele ekutheni umdlali kumthatha izinsuku eziyishumi ngaphezulu uma ephuma ekugonqeni ukuthi abe sesimweni esifanele ukudlala.

Lokhu kuveza ukuthi Amakhosi kungenzeka angakwazi ukudlala imidlalo yawo esele ngaphambi kwekhefu likaKhisumuzi.

IChiefs seyivele ihlulekile ukudlala neCape Town City kanti seyimemezele ukuthi ngeke iye naseThekwini la kumele ibhekane khona neGolden Arrows ngoLwesithathu kusihlwa.

Akubonakali izokwazi nokubhekana neSekhukhune United okumele idlale nayo ngeSonto ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.