Ayisaqhubeki imidlalo yokuhlunga, inkantolo ivune uMaMkhize

UShauwn "MaMkhize" Mkhize
UDABA: Okadonga Gumbi
ISITHOMBE: Thuli Dlamini

Inkantolo ephakeme yaseGoli ivune isicelo seRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize sokuthi imidlalo yokuhlungela iqembu elizonyuselwa kwiDStv Premiership imiswe. Isinqumo senkantolo siphume ngoMsombuluko kusihlwa.

Lesi sinqumo sichaza ukuthi umdlalo obekumele ube phakathi kweRichards Bay FC neRoyal AM ngoLwesibili ngeke usadlala. UMaMkhize uye enkantolo eyocela ukuba imise le midlalo yokuhlunga kuze kube kulalelwa futhi kuphume isinqumo ngokudlulisela enkantolo ephakeme isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli.

Le nkantolo ikhiphe isinqulo ngoMgqibelo ithi iSekhukhune United kufanele inikwe isicoco sokunqoba iGladAfrica Championship. Leli qembu lacosha amaphuzu etafuleni kulandela isinqumo somehluleli ozimele sokuthi kumele amaphuzu aphucwa iPolokwane City kumele anikwe yona.

IPolokwane yayilahle yicala lokuthi yahluleka ukuba nabadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23 ohlwini lwayo ngesikhathi idlala neSekhukhune umdlalo weligi ngoJanuwari. Yawunqoba lo mdlalo iPolokwane.

ISekhukhune yafaka icala, iCity layilahla yabe seyihlawuliswa ngokuthi iphuzwe amaphuzu eyawawina yikomidi eliqondida izigwegwe lePSL. ISekhukhune yakhalaza yathi la maphuzu kumele anikwe yona kwazise asethathwe kuyo kwasekuqaleni.

Icala yalidlulisela kumahluleli ozimele owavumelana nayo, wayigixabeza ngamagoli amathathu ahambisana namaphuzu amathathu. Lokhu kwenza ukuthi iqede isizini iqhwakele kulesi sigaba okuhambisana nokunyuselwa kwiDStv Premiership nesheke likaR3-million.

Nokho iPSL yathimula ngalesi sinqumo kanti neRoyal AM yathi ngeke iphucwe iqatha selisemlonyeni. NgoMgqibelo, inkantolo yaseGoli yaseGoli yanquma ukuthi isinqumo sikamehluleli sifanele futhi kumele kulandelwe sona.

IRoyal AM ibe seyilidlulisela enkantolo ephakele leli cala, ifaka inselelo yokuthi lesi sinqumo asinabo ubulungiswa. Iphinde yafaka isicelo esiphuthumayo sokuthi imidlalo yokuhlunga imiswe. Inkantolo iyivunile, yabanika imvume yokuthi bayimise imidlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.