Ayisasinisi mahleza iRichards Bay esinukelwa yisicoco

USiyabonga Vilane noLwandile Mabuya

OKADONGA GUMBI

Sekuyacaca ukuthi sesiyayinukela isicoco seGladAfrica Championship iRichards Bay FC ebhaxabule kabuhlungu iPolokwane City ebizibona isenethuba lokulwela izindawo zemidlalo yokuhlunga.

Nokho seyiyobuyela ekhaya eLimpopo seyicabanga ngokunye iRise and Shine kulandela ukuvuthelwa ngo 3-0 yiBay eMhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ntambama.

Ukhamba lweNatal Rich Boyz – ebike yalahla amaphuzu emidlaweni edlule – luthungwe ngomzuzu ka-42 nguLwandile Mabuya, kanti bekumele ngabe abesevele ekhona amanye amagoli uma ubheka amathuba.

ICity izamile ukubuyisa izinduku esiwombeni sesibili, idaza inkani yeselesele kodwa igcine iphenduke umsenge yagoba ngomzuzu ka-84, uPaseka Sekese walinamathisela enethini elesibili leRich Boyz.

Kuthe sekubalwa amanenjana uphele umdlalo, waqhamuka uSiyabonga Vilane wathi naye uyafuna ukuqhabula kololu khamba ngaphambi kokuba lubuyiselwe endlini, washaya igoli lesithathu.

Lo mphumela uphose iBay eqhulwini kulesi sigaba yize isangaphinde isuke uma iSekhukhune United ingakwazi ukuwina ngembudlu nayo ngeSonto uma seyibhekene neCape Town Spurs.

I-Urban Warriors ivele izifanela nemvana yomnikelo njengoba idonsa kunzima kule sizini, okuyibeke engcupheni yokudliwa yizembe.

Komunye umdlalo, isale imangele ingazi noma kudume izulu libalele ilanga iTS Sporting ishaywa ‘ngempama’ ka 5-0 yiCape United ngawo uMgqibelo ntambama.

Imiphumela yangoMgqibelo: Free State Stars 1 Royal AM 1; JDR Stars 1 Pretoria Callies 0; Bizana Pondo Chiefs 2 University of Pretoria 3; Steenberg United 2 Uthongathi 1; Cape United 5 TS Sporting 0; Richards Bay 3 Polokwane City 0

Imidlalo ngeSonto: Sekhukhune United v Cape Town Spurs

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.