Ayivumile amagoli iPirates ibukisa ngeTshakhuma iyibhaxabulela ekhaya

OkaDonga Gumbi
Tshakhuma FC (0) 0
Orlando Pirates (2) 3
Ikukhombise uqala nje umdlalo ukuthi izele amaphuzu amathathu i-Orlando Pirates ebiseThohoyandou Stadium ibhekene neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngoLwesithathu ntambama.
Futhi ukuzimisela kwabo kubaqinisekise ukuthi babuyela eSoweto namaphuzu amathathu kanti nomxhaka wabo wamagoli unothe ngamathathu wonke njengoba benqobe ngo 3-0.
La maqembu awuqale ngokukhombisana ukuthi akekho osaba omunye noma ozovuma ukulandela ngemuva kodwa ibhola belidlalela kakhulu ngasohlangothini lweTTM. Ukucindezela kwePirates kugcine kuzikhiphile izithelo ezinhle njengoba ngomzuzu ka-16 ithole igoli lokuqala ngonyawo lukaDeon Hotto.
ITshakhuma nayo ike yazama izikhawu ezimbalwa ukusondela ngasemapalini eZimnyama kodwa yafika yathola ukuthi akupakwe bhasi kodwa kunezitobha ezingafuni lutho olusondela kuWayne Sandilands.
Imizamo yezikaJosef Zinnbauer iphinde yathela ngomzuzu ka-39, uGabadinho Mhango udabule phakathi kwezitobha qede wadedela udalimede, kwaba ngu 2-0.
Nokuthi kuyiwe ekhefini ilandela ngemuva ngamabili kuphela iTshakhuma, kube wukusebenza kwezitobha ngoba bebeyiphunga beyiphungile iBucs engingagayelwe mphako.
Ngesiwombe sesibili kuqhubeke ngayo leyo ndlela, iTshakhuma izama ukuzuma ukuze ibone ukuthi ngeke yini izifice zisathi zintshontsha isithongwana izitobha zeBucs kanti lutho.
Kanti naye uSandilands ubezilwela uma kuke kwenzeka kwakhona ibhola eligcina selibhekene naye. Uke wezwakala efunga ethi “ngeke namuhla, angifune kungenelwa goli namuhla!”ngemuva kokuthi evimbe ibhola ebelinzima futhi libheke epalini.
UFortune Makaringe ube esevele ewuqeda umdlalo, eshaya elihle igoli ngomzuzu ka-65, okuyigoli elivele lacacisa ukuthi iphoyisa lenkosi seliyilishayile impempe lathi umcimbi uphelile.