Ayiyele iphuzu elilodwa eNigeria iPirates, iwafuna ephelele

UJosef Zinnbauer

OKADONGA GUMBI

Into esalele i-Orlando Pirates ukuze yedlulele phambili kwiCaf Confederation Cup wukuthi ingehlulwa ngoLwesithathu ebusuku.

IBhakaniya lile eNigeria la liyobhekana khona ne-Enyimba emdlalweni wokugcina kuGroup A.

Yize ukudlala ngokulingana kwanele, umqeqeshi weBucs, uJosef Zinnbauer ufuna banqobe kulo mdlalo ukuze baqinisekise ukuthi baqeda bephezulu.

“Womabili amaqembu azowalwela amaphuzu agcwele ngoba iqoqo lisavulelekile namanje… i-Enyimba iyona enengcindezi ngaphezu kwethu,” kusho uZinnbauer

“Uma beke bangenelwa yigoli bazokuthola sekuqansa ukubuya, bayazi kwenzeka kanjani emidlalweni yasekhaya. Kodwa sekocaca khona.

“Sisayazi i-Enyimba, ineqembu eliqinile. Bamandla kakhulu ekuvaleni emuva njengoba sazibonela emdlalweni wokuqala sisekhaya.
“Kwakunzima ukuthola indlela yokudlula ezitobheni zayo kwazise ziqatha, futhi bayakwazi ukusheshe bakuhlasele uma beqeda ukukuphuca ibhola.

“Kodwa ngoba basekhaya cishe amacebo azojika, bazofuna ukusicindezela, beze kithi. Bazolwa befuna amaphuzu amathathu, nathi sizowalwela.

“Ozowathola udlulela emzuliswaneni olandelayo ngaphandle kokungabaza. Ngiyazi iphuzu lizokwanela ukuthi sidlule futhi iyona vele into osuke uyicabanga uma uyodlala ekuhambeni.

“Kodwa uma ufuna ukugcina indawo yakho eqhulwini leqoqo, kumele uthole amaphuzu amathathu. Sekulele kubo abadlali ukuthi bafunani.

“Sineqembu elihle elingakwazi ukuwola wonke amaphuzu futhi yilokho esikuhlosile,” kusho uZinnbauer.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.