Ayizange izihluphe kulokhu iRoyal AM ngokuya enkundleni

Ayizange izihluphe kulokhu iRoyal AM ngokuya enkundleni
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ngesikhathi obekufanele ngabe iya ngaso enkundleni, iRoyal AM kuthiwa beyizidlalela umdlalo wobungani ekomkhulu layo eMgungundlovu. Ngokohlelo lemidlalo yokuhlunga lwePremier Soccer League (PSL), iRoyal AM bekumele libhekane neRichards Bay ngoLwesine ntambama.

Kodwa leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize alizange livele nangokhalo eChatsworth Stadium la lo mdlalo bekufanele udlalelwe khona.

Kodwa ke belivele likuvezile ngoLwesithathu ukuthi lona ngeke lulubhade kulo mdlalo. Lokhu kungoba likholelwa ukuthi awukho emthethweni kwazise lihlezi nencwadi yenkantolo eyalela ukuba le midlalo yokuhlunga ingaqhubeki.

Impempe ithole ukuthi iRoyal AM ayifiki nje enkundleni beyizinethezekele ‘epulazini’ la leli qembu linekhaya khona ngaphandle kwaseMgungundlovu. Belikade linomdlalo wobungani neqembu esingalitholanga igama lalo ekuseni ngawo uLwesine.

Ngenxa yokungafiki kweRoyal AM, iRichards Bay nayo ibe seyiphiwa amaphuzu amathathu ngaphandle kokuwajulukela, okuyinto umqeqeshi wayo, u-Allan Freese abethe abayithandi.

Ekhuluma neMpempe ngoLwesine ekuseni, uFreese uthe bona bebefisa ukungena enkundleni ngoba sebezilungiselele ngokugcwele bebengaluniseleli ukuzogingqa.

Uthe nokho bayasiqonda isimo futhi bazokwenza lokho abazokuyalelwa ukuba bakwenze. Ukuvumile nokuthi lesi simo siyabesinda emiqondweni yabo kwazise abazi kuzogcina kuphelele kuphi.

Uma kungenzeka iRoyal AM igcine iliwinile icala, bese kube yiyo ebuyiselwa ekubeni ngompetha beGladAfrica Championship, kuyodingeka iqalwe phansi le midlalo esidalliwe.

NgoLwesibili, ngesikhathi iRoyal AM kumele ibhekane neChippa United, yafika enkundleni kodwa yagcina ingadlalanga. Yaphuma sengathi iyabaleka enkundleni sekusele imizuzu embalwa umdlalo uqale.

Kwafika abaphathi beholwa ngusihlalo u-Andile Mpisane wabayalela ukuba baqoqe konke okwabo baphindele ekhaya. IChippa yasala yagungqa nayo, yaziphumela namaphuzu amathathu.

IRoyal AM yenqaba nje ukudlala yingoba esenecala elilinde ukuqulwa enkantolo la icela khona ukunikwa igunya lokuphikisa esavumelana nokugixabezwa kweSekhukhune United ngesicoco seligi.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *