Azikapholi izilonda zesizini edlule kwiChiefs

UYagan Sasman

OKADONGA GUMBI

Njengoba sekuyiwa ngasemaphethelweni esizini kwiDStv Premiership, siyabuya isithombe sendumalo eyagabha abadlali beKaizer Chiefs bephucwa isicoco seligi ngosuku lokugcina.

Amakhosi ayekade ezihole phambili isizini yonke kodwa kwathi ekugcineni ahluleka wukuhlwitha isicoco kwiMamelodi Sundowns. Kule sizini ke khona kumapeketwane kakhulu eNaturena njengoba iqembu lehluleka ukubamba umgqigqo.

Sekukhona abasola ukuthi abadlali baMakhosi balimala kakhulu ezingqondweni ngesikhathi beshweba ekugcineni okwenza kungadluli kalula lokhu kubo.

Isitobha saleli qembu, uYagan Sasman sesivumile ukuthi kusansonsotha impela uma bekhumbula okwabehlela asebeyokuxoxela amagwababa echobana.

“Isizini edlule ayihambanga ngendlela esasibheke ngayo. Kwaze kwayiwa emidlalweni yokugcina kungacacile, kwacaca ngemizuzu angu-20 yokugcina… kunzima (ukukudlulisa),” kusho uSasman ngoMsombuluko.

“Siyazi ukuthi kulula kanjani ukulahla amaphuzu kulesi sikhathi sesizini. Sisazimisele futhi sizozikhandla kuze kube sekugcineni,” kusho yena ngokuzama kwabo ukungena kwiTop 8.

Njengoba sezihubela sakusha nje, Amakhosi adinga ukuqinisa wonke amabhawodi ukuze agweme ihlazo lokuqeda ngaphandle kweTop 8. Kuzothi ngoLwesithathu agadulisane neSwallows FC eFNB Stadium ngo-5 ntambama.

“Lo mdlalo uzoba nzima kakhulu ngoba ngowomkhaya baseSoweto, Yonke imidlalo yomkhaya inzima. Kodwa ngicabanga ukuthi ozakwethu bazobe benomfutho othe xaxa ngoba kufanele siwine yonke imidlalo esele ukuze singene kwiTop 8.

“Asiwukhohliwe umphumela womzuliswano wokuqala (iSwallows yabashaya)… kodwa kuhlezi kuyiqembu elingcono ngalelo langa eliwina imidlalo enjena. Sizilungiselele kahle futhi iSwallows siyazi yenza kahle kule sizini nokuthi yini esingayilindela kuyo.”

Email: Editor@impempe_com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.