Azobuya ngemuva kwemidlalo emithathu awase-Afrika kweyoMhlaba – Dlangalala

UZipho Dlangalala
Sihle Ndlovu

Uqweqwe lomqeqeshi, uZipho Dlangalala, luthi azobuyela e-Afrika ngemuva kwemidlalo emithathu, wonke amaqembu amahlanu amele leli lizwekazi kwiNdebe yoMhlaba eQatar.

Amaqembu azodudulana kwiNdebe yoMhlaba aqhathiwe ngoLwesihlanu. I-Afrika imelwe yiSenegal, Cameroon, Ghana, Tunisia neMorocco kulo mqhudelwano oqala ngoNovemba.

“Kule Ndebe yoMhlaba, njengawo wonke kule khulu minyaka, izowinwa yizwe elizilungiselele kahle okungasenani iminyaka eyishumi,” kusho uDlangalala.

“Ngeke nje uthathe amashansi kuleli zinga. Amaqembu ase-Afrika ahlulekile eRussia futhi ngeke kube nomehluko nakulokhu.”

ISenegal ikuGroup A lapho iboshelwe khona neQatar, osokhaya, Ecuador neNetherlands. UDlangalala ubona kuzodlula iNetherlands neQatar kuleli qoqo.

ITunisia ifakwe kuGroup D lapho kukhona neFrance, Denmark, nozowina kwi-IC Play-Off 1. UDlangalala ubona kuyiFrance neDenmark abazodlulela phambili.

KuGroup F iMorocco ifakwe neBelgium, Canada neCroatia. Ngokubona kukaDlangalala kuzodlula iBelgium neCroatia.

ICameroon ifakwe neBrazil, Serbia neSwitzerland kuGroup G. UDlangalala ubona kuyiBrazil neSerbia abazodlulela phambili.

Eqoqweni lokugcina uGroup H, kukhona iGhana, Portugal, Uruguay neKorea Republic. Ngokubona kukaDlangalala kuzodlulela phambili iPortugal ne-Uruguay.

Into akhala ngayo uDlangalala, oke wasebenza kwiMamelodi Sundowns, Orlando Pirates, TS Galaxy, phakathi kwamanye amaqembu, ukuthi izinga lebhola e-Afrika lisesemuva kakhulu ukuthi sekungaba khona iqembu elidlala into esile kwiNdebe yoMhlaba.

“Imidlalo emithathu nje kuphela bese ishaye,” kubeka lo mqeqeshi.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.