Azophinde ayijibe kwiSundwons ingcindezi AmaZulu

U-Augustine Mulenga

SIHLE NDLOVU

AmaZulu FC asesele ngamaphuzu ayisikhombisa wonke kwiMamelodi Sundowns njengoba sekusele imidlalo emine ukuthi kusongwe isizini.

Nokho Usuthu kufanele lubuke okwenzeke ekugcineni ngci ngesizi edlule bese lungasheshe luphonse ithawula. Abadlali beKaizer Chiefs nabeSundowns yibona abangaluleka abaMaZulu kalula ngokuthi

kusuke kungakapheli uma kusasele imidlalo emine lingakacaci iqembu eseliwinile.

Ngokwezibalo iSundowns kumele iwine imidlalo emibili kuphela kwemine esele ukuze iphinde ithathe isicoco seDStv Premiership. Nokho kuyaziwa ukuthi ebholeni izinto azenzeki kakula kanjalo.

Usuthu luzobhekana neBaroka FC emdlalweni wePremiership eKing Goodwill Zwelithini Stadium, ngoLwesibili ngo-3 ntambama. Ukuwina lo mdlalo kuzosho ukuvala igebe libe ngamaphuzu amane kuphela phakathi kwabo neSundowns. Lokhu kuzobuyisela ingcindezi kumaBrazilians ngaphambi kokuthi adlale umdlalo olandelayo weligi.

Umgadli woSuthu uSiphelele “Shaka Zulu” Mthembu wazi kahle ukuthi akufanele bazithele ngabandayo, kumele bathole amaphuzu aphelele kulo mdlalo ngoba kusengenzeka noma yini.

“Omunye waleyo midlalo esiyibhekile kakhulu. Kule fomu esikuyona njengamanje siyakholwa ukuthi sizolifeza iphupho lethu njengoba kuhlale kusho usihlalo.

“Sifuna ukwenza lokhu ebesilokhu sikwenza nomake sifake umfutho othe xaxa kulokhu ebesikwenza. Ukubambisana nomoya wokudlala njengeqembu, kwenza ukuthi kufane nokuthi siwumndeni.

“Umsebenzi wazo zonke izinsuku, ukulwa kwazo zonke izinsuku. Sifuna ukuzuza okuthile futhi kuzoba yisibusiso ukuthola amaphuzu aphelele, ukuqhubeka nefomu yethu,” kusho uMthembu.

Ngasohlangothini lweBaroka ukuwina kuzosho ukuthi isenalo ithuba lokugulukudela kwiTop 8 njengoba inamaphuzu angu-29 endaweni yeshumi.

“Kufanele sibashayele elikhulu ihlombe abaqeqeshi bethu. Bafuna ukuthi silwe, bafuna sisebenze ngokuzikhandla. Bafuna sikhohlwe ukuthi singobani ngamunye sisebenze ndawonye.

“Ukusigqugquzela kwakhe umqeqeshi (uBenni McCarthy) esitshela ukuthi ukusebenza kanzima kungcono kakhulu kunekhono nje lilodwa, kusisiza kakhulu.

“Silwa siyiqembu, sihlasela siyiqembu siphinde sivimbe siyqembu. Konke lokhu kuyasisebenzela kakhulu,” kuphetha uMthembu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.