Azoyivula ngelula awaseSoweto iNedbank Cup njengoba eqhathwe naweGladAfrica Championship

OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neSwallows FC, aqhathwe kahle njengoba ezobe esekhaya ebhekene namaqembu angethusi kangako eGladAfrica Championship emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup ezoqala ngoFebhuwari. Ukuqhathwa kwamaqembu kwenziwe ngoLwesine ntambama. IPirates inikwe Uthongathi FC, iChiefs yanikwa iRichards Bay, kanti iSwallows yona yathola iCape Town United. Kodwa ke kuyaziwa ukuthi la maqembu alwa azephule izandla uma ebhekene nezinkunzi zaseSoweto ngakho kungenzeka noma yini.
Ompetha abazobe bevikela le ndebe, iMamelodi Sundowns, nayo izoqala ekhaya kodwa ithole umdlalo onzima njengoba iqhathwe neStellenbosch FC.
Womathathu awaKwaZulu-Natal adlala kwiDStv Premiership, azodlala ekhaya. Nokho AmaZulu azobe ‘esekuhambeni’ njengoba ezovakasheka iLamontville Golden Arrows, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. IMaritzburg United izovakashelwa yiSekhukhune United.
I-PSL beyisivele imemezelile ukuthi iSafa ibisibazisile ukuthi ngeke ikwazi ukukhipha amaqembu ayisishiyagalombili ngenxa yeCovid-19 emise ibhola elingakhokheli.
Aqhathwe kanje:
Bizana Pondo Chiefs v Cape Town All Stars
Cape Town City v Bloemfontein Celtic
JDR Stars v University of Pretoria
Thakhuma Tsha Madzivhandila v SuperSport United
Orlando Pirates v Uthongathi FC
Chippa United v Free State Stars
Jomo Cosmos v Black Leopards
Baroka FC v Cape Town Spurs
Golden Arrows v AmaZulu FC;
Maritzburg United v Sekhukhune United.
Polokwane City v Steenberg United
Pretoria Callies v Royal AM
Swallows FC v Cape United
Mamelodi Sundowns v Stellenbosch FC
Kaizer Chiefs v Richards Bays
TS Galaxy v TS Sporting.