Babangulwe iva abalandeli kuxoshwa u-Ole kwiMan United

Babangulwe iva abalandeli kuxoshwa u-Ole kwiMan United
O-Ole Gunnar Solskjaer
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Sigcine sifezekile izifiso sabalandeli njengoba sekuphele nya ukubekezelela umqeqeshi u-Ole Gunnar Solskjaer kubaphathi beManchester United asebemkhombe indlela.

Abalandeli beMan United bebelokhu bekhala ngokuthi ugcinelweni u-Ole njengoba imiphumela ibingasavumi nhlobo.

Nokho kubukeka sengathi ukushaywa yiWartford ngo 4-1 koweligi ngoMgqibelo kwenze abaphathi beqembu babonga kuSolskjaer, base bemkhomba eza ngayo.

Ngemuva kokufika ngo-2018 eqenjini uSolskjaer uwenzile umehluko kodwa ngebhadi lakhe akukho ndebe ebalulekile ayiwiwinile.

Izindaba zokuxoshwa kukaSolskjaer ziqale zavezwa uFabrizio Romano.

“Ibhodi yeManchester United seyinqume ukumxosha u-Ole Gunnar Solskjaer, ngemuva kokuba nezingxoxo zangaphakathi ezithathe amahora amahlanu.

“Manje kumele kuvunyelwane ngokuthi kuhlukwanwe kahle.

“Uma uJoel Glazer esekuvumile lokhu kuzoqinisekiswa bese kumenyezelwa yiMan United ngokusemthethweni,” kusho uRomano.

Kuvele ukuthi ngemuva komdlalo wangoMgqibelo ukuthi ibhodi ayicucuzanga yabiza umhlangano ophuthumayo lo okuthiwa uhlale amahora amahlanu wonke.

Nokho ekugcineni uBlazer uyena okumele athathe isinqumo sokugcina, okulindeleke ukuthi vele asithathe ngoba amanye amalungu ebhodi asevumile ukuthi ahambe uSolskjaer.

Akukaqinisekiswa ukuthi ubani ozongena endaweni yalo mqeqeshi kodwa amagama avelayo abala uZinedine Zidane, Brendan Rodgers noRonald Koeman.

FUNDA NALA: Ufike nomlingo wemvula newini uMalesela kwiGallants

Kuvele ukuthi uDarren Fletcher uyena ozobamba okwesikhasha kusalindwe ukuthi kutholakale umqeqeshi omusha.

Akukho ukuphumula kwiMan United njengoba imidlalo yeligi iza ilekenyana.

Emdlalweni wayo olandelayo izobhakana neChelsea FC eStamford Bridge eLondon ngempelasonto ezayo.

IChelsea abazobhekana nayo ayigayelwa mphako kulezi zinsuku nokufakazelwa ukuthi iqhwakele kwilogi ye-English
Premiers League.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.