Babehlunga amazambane abolile bededela abadlali kwiMaritzburg?

Umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp

OKADONGA GUMBI

Uzamile ukubibiyela angalibeki ngembaba elokuthi babehlunga amazambane abolile ngesikhathi bededela oPogiso Sanoka noKeagan Buchanan kwiMaritzburg United ngenyanga edlule umqeqeshi waleli qembu, u-Ernst Middendorp.

Kwamangaza abaningi ukulaxazwa kwalaba badlali abese benesikhathi bekuleli qembu, kwavela nokuthi kwaba yizizathu zokungavumelani ngezimali zokuvuselela izinkontileka.

Kodwa uMiddendorp uveze ukuthi baba nomhlangano kuqala ngaphambi lokuthi badedelwe. Kusolakala ukuthi laba bebedunga umoya eqenjini kwazise bebengaseneme.

“Sahlala phansi sakhuluma ngoFebhuwari 13 (ngemuva kokuhlulwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngayizolo). Kunabadlali esabadedela, hhayi ngoba bebheda – bangabadlali abahle kakhulu – kodwa ngenxa yezizathu ezithile.

“Kwesinye isikhathi, esinjengalesi esikuso njengamanje, udinga abadlali abazimisele ukukwephula eziko. Abasebenza ngokubambisana, lokho bekungekho phambilini,” kusho uMiddendorp.

IMaritzburg isahleli endaweni ebucayi namanje njengoba izembe liqhubeka nokuyiqhweba kanti lingase ligcine liyigxavulile uma ingajiki ukwenza.

“Sizodinga isikhathi kodwa nginethenba lokuthi sizofika emaphuzwini angu-30 ekupheleni kwesizini,” kuqhuba Lo mqeqeshi.

Usale enomuzwa wokweneliseka nowokudumala kanye kanye uMiddendorp ngesikhathi ezakhe zibambana neKaizer Chiefs ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

“Kucacile, sinohlaka olucacile lokudlala olugxile ekucindezeleni izitha. Uma ucindezele kanjengoba besenza esiwombeni sokuqala, kumele uthole inzuzo.

“Leyo nzuzo bekumele kube wukushaya igoli lesibili. Ngicabanga ukuthi ukube siwasebenzisile amathuba, ngabe silitholile elesibili. Ngabe siyitholile inzuzo yethu.

“Siyazi ukuthi leli qembu kuthiwa liyahlangana (uma lidlala neChiefs kuphela) kodwa thina siyazi ukuthi akunjalo. Ngabadlali esinabo besazi sizowathola amanye amathuba, nempela sawathola.

“Bekumele sishaye elesibili bese siwuvala umdlalo. Kodwa ekugcineni leli qembu laseGoli lisicindezelile, ngicabanga ukuthi siyilahle ngokungashayi igoli lesibili.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.